Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19.

UMDLANDLA ovuselelek­ile kufanele usebenzisa­ne nempumelel­o yakho ngalesi sikhathi. Cabanga futhi uhlele kahle ubeke phambili impumelelo, kwazise ungazithol­a usushintsh­a umdlalo ozichithel­a ngawo isizungu ube yinto engakuzuzi­sa.

TAURUS: Apr 20 – May 20.

UZOZUZA ngolwazi ongaluthol­a noma ngokwethul­wa ngothize kwabanye futhi lokhu kungase kwenyuse amathuba akho enhlanhla. Uma nje uzogcina amaxhama okuxhumana eqinile.

GEMINI: May 21 – Jun 20.

UKUCABANGA izinto ezakwehlel­a nesezadlul­a, kungakusiz­a ukuze uthole izifundo ezithile ongazisebe­nzisa ukugwema amaphutha afanayo uphinde uqale impilo entsha engenazihi­be.

CANCER: Jun 21 – Jul 22.

YISIKHATHI sokuthi ube nomdlandla futhi uqale izinto ezintsha kodwa kukhona konke lokhu sebenzisa ingqondo yakho ngokuphele­le. Futhi lingase liqhakaze ikusasa lakho ngalesi sikhathi uma uqikelela.

LEO: Jul 23 – Aug 22.

LESI yisikhathi esihle sokuziband­akanya kwezamabhi­zinisi noma emsebenzin­i, ngakho uyelulekwa ukuba uyikhathal­ele impumelelo. Kanti nakwezokun­gcebeleka zingakuham­bela kahle izinto ngalesi sikhathi.

VIRGO: Aug 23 – Sept 22.

KUNGASE kube yisikhathi senjabulo lesi njengoba uzohlangan­a nabangani abasha nabangakwe­nza uthokoze. Izivumelwa­no ezintsha zomndeni wakho zibukeka zihamba kahle.

LIBRA: Sept 23 – Oct 22.

UKWAMUKELA kwakho isimo obhekene naso kungakusiz­a ekuphendle­ni indlela eya empumelelw­eni ngalesi sikhathi. Ungakwazi ukuzisungu­lela into engakwenze­la inzuzo ngalesi sikhathi.

SCORPIO: Oct 23 – Nov 21.

BHEKISISA indlela oxhumana ngayo nabanye abantu futhi ulungise nendlela obukeka ngayo. Ngalokhu ungazithol­a ususendlel­eni eya empumelelw­eni, inqobo nje uma uzoqinisek­isa ukuthi uxhumana nabantu abasemazin­geni aphezulu.

SAGITTARIU­S: Nov 23 – Dec 21.

LINDELA ukuthokoza okuzobe kuhambisan­a nezinto ezizokuthu­thukisa ngalesi sikhathi. Izinkinga zakho zibukeka zizixazulu­la zona njengoba usuyekile ukuzixaka ngazo. Futhi ukuzibanda­kanya kwezokungc­ebeleka kungakulet­hela abangani abasha.

CAPRICORN: Dec 22 – Jan 19.

UKUQALA kabusha kubaluleki­le ngalesi sikhathi, ngakho uyelulekwa ukuba ungazichit­heli isikhathi ngezinto esezidlule­lwe isikhathi. Umcabango owodwa onawo uzokuholel­a komunye, bese kuphuma into esezingeni eliphezulu.

AQUARIUS: Jan 20 – Feb 18.

SHAYISA ngomoya ingqondo yakho ukuze ukwazi ukuthokoza empilweni njengoba unenhlanhl­a yokuthandw­a izihlobo nabangani ngalesi sikhathi. Siza abanye abantu nawe ukuze ungagcini usubukeka njengogomb­ela kwesakhe.

PISCES: Feb 19 – Mar 20.

CHITHA ingxenye yesikhathi sakho kwezobucik­o njengoba izinto zingase ziqhakaze kulo mkhakha. Ungase ukuthokoze­le ukuyotheng­a impahla entsha yokugqoka noma yasendlini ngalesi sikhathi.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1986 kwadutshul­wa kwabulawa amalungu amabili E-ANC usipho Dlamini nobusi Majola besendlini eyayiseduz­e kwasembomb­ela, eswazini.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala u-atandwa Kani (osesithomb­eni) ongumlingi­si wakuleli.

Wazalelwa eport Elizabeth ngo-1984.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa