Isolezwe

Umbhali ugonyuluka ngezigigab­a zempilo

- ■ Izincwadi ziyatholak­ala ezitolo zase-exclusive Books https://exclusiveb­ooks. co.za/

INCWADI: Love and Fury

UMBHALI: Margie Orford

ABASHICILE­LI: Jonathan Ball Publishers

KUSA ngokunye kumbhali uma ebona ushintsho kumyeni wakhe ekubeni ubezitshel­a ukuthi konke kuhamba kahle. Akalona ivukana kwezokubha­la nokulwela amalungelo abantu umargie

Orford, uselobe izincwadi eziningi okubalwa uchungechu­nge olubizwa ngeclare Hart futhi uneqhaza kwezemfund­o nasezinkam­panini zokushicil­ela. Encwadini ethi Love and

Fury, umargie ugonyuluka ngempilo yakhe uqobo. Kusukela efunda enyuvesi, ehlangana nomyeni wakhe u-aidan, ukusebenza emazweni ahlukene okubalwa enamibia, USA, naseningiz­imu Afrika, ngisho nedivosi.

Uchaza umzuzu azifundela kwezakhe ukuthi liphelile ilangabi lothando kumyeni wakhe kepha wazitshela ukuthi yinto yesikhasha­na.

“Kwathi uma sengivalel­isa ezinganeni zami nakumyeni wami. Ngangiphik­elele emtapweni wolwazi ngixhakath­ise izincwadi ngaphansi kwezingalo zami. Kwahlangan­a amehlo ami no-aidan, ngambona ukuthi akasenayo intshiseke­lo yokuba nami umyeni wami. Wavele wangithi klabe ngamehlo! Wabuye wabheka ezinganeni zethu ezazihlelz­i embhedeni, waqhubeka wafundela ugrace nojamie incwadi,” kubhala umargie ekhasini 123.

Lokhu kwenzeka ngomashi 2001, ngesikhath­i beselondon, lapho umargie wayeyoqede­la izifundo zeziqu zephd.

Okuhlaluka­yo encwadini ethi

Love and Fury, yindlela umargie asebenzisa ngayo izindawo ezehlukene ukuchaza ngesimo senhlalo yakhe ngaleso sikhathi.

Wazalelwa elondon, kepha usehlale ezindaweni ezehlukene okubalwa inamibia, lapho akhulela khona ngemva kokuthi abazali bakhe benqume ukuzinza khona.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa