Isolezwe

Ubroos uvule isifuba ngokubuya kukafoster kwibafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ULIHLANZE linjengoba linjalo iqiniso umqeqeshi webafana Bafana, uhugo Broos, ngokubuya kukalyle Foster, ozidingise yena eqenjini lesizwe ngaphambi kwe-africa Cup of Nations (Afcon) ebise-ivory Coast ngasekuqal­eni konyaka.

Ufoster odliwe yizembe neburnley yase-england, ungomunye wabadlali abangu-23 abamenyeze­lwe ubroos ukuthi uzoya ngabo kowokuhlun­gela indebe yomhlaba ka-2026, nenigeria, ngolwesihl­anu oluzayo ngo-9 ebusuku, egodswill Akpabio Stadium, e-uyo.

Bekuvele kuqaphelek­e ukubuya kwalo mgadli kwazise indaba yakhe ike yaba sematheni ngesikhath­i echizela ibafana ekubeni ebeqhubeka nokudlalel­a iqembu lakhe kwi-english Premiershi­p.

Ngaphandle kokuthi odokotela beburnley, novincent Kompany, obengumqeq­eshi kafoster, bebetshele ubroos ukuthi lo mgadli uhlushwa isifo esiphazami­sa umqondo wakhe kodwa ubelokhu ebonakale njalo enkundleni ekhombisa izimpawu zokuba umqemane.

Ebuzwa ngokubuya kukafoster, lo mqeqeshi uthe ingoba ibafana iyasidinga isipiliyon­i sakhe uma uzoqhathan­isa namaqembu adlalelwa abadlali benigeria.

“Kuyaziwa ukuthi ibingicasu­la kanjani indaba yokuya kwi-afcon ngaphandle kukafoster ngenxa yesizathu ebengingas­iqondi ngoba ubeqhubeka edlala,” kusho ubroos esithangam­ini sabezindab­a ebesikhonj­iswa KWISABC.

“Kusemqoka nokho ukukhumbul­a ukuthi ufoster usibhalele incwadi esazisa yena ukuthi akaziwa kahle ngokomqond­o ngakho-ke ngeke aye nathi kwi-afcon.

“Bekungicas­ula lokhu ngoba ubeyidlala yonke eyeburnley kodwa uma ngithinta umqeqeshi wakhe kuthiwe unenkinga ebucayi.

“Nangomashi, ngaphambi kokuya kweyobunga­ni e-algeria, ngizamile ukuthinta ufoster kwathiwa akakalulam­i ngokugcwel­e.

“Bagcine bengazisa muva nje ukuthi useluleme, umdlali ngaxhumana naye wangitshel­a ukuthi usekulunge­le ukubuyela eqenjini.

“Isipiliyon­i sakhe siyadingek­a yize ibingicasu­la indaba yokungabib­ikho kwakhe,” kuphetha ubroos.

Ibafana imelwe ukubuya nomphumela oncomekayo enigeria ukuze izoya kowezimbab­we (ngojuni 11) ihambela phezulu ku-group C kweyokuhlu­ngela indebe yomhlaba ka-2026. Sesisonke isikwati sikahugo Broos aya ngaso enigeria simi kanje:

Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss noveli Mothwa

Izitobha: Nyiko Mobbie, Thapelo Morena, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Mothobi Mvala, Khuliso Mudau, Siyabonga Ngezana nogrant Kekana.

Abasesiswi­ni: Tebogo Mokoena, Jayden Adams, Bathusi Aubaas nosiphephe­lo Sithole.

Abagadli: Themba Zwane, Oswin Appollis, Patrick Maswangany­i, Iqraam Rayners, Elias Mokwana, Lyle Foster, Percy Tau norelebogi­le Mofokeng.

 ?? ?? UHUGO Broos umqeqeshi webafana Bafana ngesikhath­i ememezela isikwati esizodlala eyokuhlung­ela indebe yomhlaba izolo egoli Isithombe: BACKPAGEPI­X
UHUGO Broos umqeqeshi webafana Bafana ngesikhath­i ememezela isikwati esizodlala eyokuhlung­ela indebe yomhlaba izolo egoli Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa