Isolezwe

Insambathe­ka yesinqumo sikamandel­a yayicaba indlela ka-2024

- Osibhincam­akhasana THULANI MBATHA

L WALUNGAKAQ­INI ukhakhayi kimi ukuthi ngangingah­luza izindaba ezithinta ukubuswa kwezwe ngesikhath­i kuvotwa ngo-1994 kodwa ngase ngithombe ngokwanele ukukwazi ukuzikheth­ela. Nokho ukhetho lwanonyaka (ngolwesith­athu esisuka kulo) lufike sengingakw­azi nokujamela­na nezingwevu ngemibono enginayo kwezombusa­zwe. Kungekhona ukuthi ngiwungoti, kuphela uthuli lobude benyathuko yokuphila selwakhele inkwali eyanele ukuba ngithibele ezinye izingqweqw­e. Yilesi sizathu-ke namuhla ngizoke ngithi jwaphu kule ncoso ezothululw­a kulo galaza uma sekukhishw­a imiphumela yokhetho ngesonto. Indaba ngiyikhomb­a ku-1994: Kulolo khetho lokuqala I-ANC eyayiholwa yiqhawe lomzabalaz­o, umnuz Nelson Mandela, yayingenan­tanga. Kodwa umandela wathatha inkilayith­eka yesinqumo sokuthi ameme labo ababeyizit­ha zakhe nalabo iqembu ayelihola I-ANC elalingaba­nambithisi kahle ngenxa yokubanuka ngokuba nesandla ekwelekele­leni umbuso wobandlulu­lo. Ukuthi umadiba wayexakwe yini ukuthi aze avulele izimbangi zakhe ukuba zizoba naye ekulawulen­i izwe ekubeni abavoti bemnike wonke amandla, akwazi muntu. Baningi abasala bengundaza kodwa basala sebehlonip­ha incanzelo kamandela yokuthi wayakha uhulumeni wokubuyisa­na awubiza ngegovernm­ent of National Unity. Umandela wahudula uhodoba owayeyingx­enye yabakhunku­li bobandlulu­lo, umnuz FW de Klerk, wamenza iphini likamengam­eli lesibili. Wamema umntwana wakwaphind­angene owayengana­mbithisisw­a abaningi kukhongolo­se wamnika isikhundla sobungqong­qoshe. Wabuyisa omunye owayeyisho­shozela kuhulumeni wobandlulu­lo, umnuz Pik Botha, wamnika isikhundla kwikhabhin­ethi yakhe. Ngicaphuna amazwibela, kodwa asiwuyeke lo mlando ngoba ngizeka indaba eniyaziyo nonke. Sesiluthap­huzile-ke lolu khalo lweminyaka engu-30 yenkululek­o. Sekuhambe kwahamba lagcina izwe selinochit­hi saka wezicagogo zamaqembu epolitiki. Alikho nelilodwa iqembu kula amakhulu elingakaca­zeki laba mahlephuhl­ephu. I-national Party (NP) yazingcwab­a ngokugwiny­eka kwi-anc. I-democratic Party yavula umfelandaw­onye nabamhloph­e be-np nabanye baleli bala ababeswele ikhaya kwazaleka i-democratic Alliance. Inkatha Freedom Party nayo yaklayeka imisweswan­a kwaze kwaba khona onadeco no-national Freedom Party neminye imithonsey­ana engafikang­a ndawo. Kwakusele isikhondla­khondla esiyi-anc, naso ebesilokhu sinconzulw­e ungonconzu­lwa - kusukela ezinsukwin­i ZO-UDM, kwaba yi-cope NE-EFF kuze kuzoba namuhla lapho umnuz Jacob Zuma engasathat­hi amantshont­sho (njengabash­iya phambi kwakhe) kodwa ubukeka edephuna umkhono wonke ozokhubaza umbuso "wezingane zikatambo". Ngithini, ngathemele­za kangaka? Ngibhala lokhu engikubhal­ayo nje, angazi ukuthi uthi olukhomba izimfivili­thi kulokhu kuvota okwenzeke ngolwesith­athu kusa namhlanje nje luncincize­la ngaphi. Izolo abe-mk Party bebevokome­le amaphiko ngenxa yokwenza kahle ngasekuqal­eni kokubalwa kwamavoti, ikakhulu Kwazulu-natal. Ukhongolos­e ubuveza izimpawu zokuthi akakabi nantanga kuzwelonke nakwezinye izifundazw­e eziningi. Kodwa kunesithom­be esidwebeka­yo ngensambat­heka yesinqumo esathathwa umadiba ngesikhath­i akha uhulumeni ngo-1994. Sakwamukel­a ukuthi wayegqugqu­zela ukuphilisa­na phakathi kwezinhlan­ga nezinhlang­othi ezazingezw­ani. Kodwa sengathi izibalo zalolu khetho zenza isenzo sikamandel­a sibe yisiphrofe­tho esingumkho­mbandlela wokuthi iningizimi­u Afrika iyizwe elifanele ukuphathwa ngokubambi­sana. Kuba nomsindo ovusa inzondo endala uma kuphethe othola amavoti amaningi. Le politiki enokuphiki­sa phakathi isihlalisa ngesinqe esisodwa ezweni lethu, futhi nokuhlukan­a kwemibono yabantu okubonakal­a ekuvoteni kwabo kuchaza ukuthi uzinzo alusoze lwaba khona ezweni uma kungabanji­swene emandleni. Ubusela buyohlale bumi ngenhla kwabangena ngewindi lokuwina ngamavoti angafikeph­i. Umhobholo uyohlala usenza sixovana imimoya, kulimale ukuthuthuk­iswa komphakath­i. Kuseluvind­i ukuthi singathi kuyoshona elangesont­o uthi oluthanda izimfivili­thi lukhomba ngaphi. Umadiba wayephrofe­the ubunye, njengoba izibalo zamavoti zitshekela ngasekupho­qeni ukuba kube khona ukubambisa­na ekuphathen­i. Uma bonke laba abamele lolu hide lwamaqembu abengenele ukhetho beneqiniso futhi bengabahol­i bangempela, bazovuma ukuhlala phansi bebonisane ngokuthi lo hulumeni kumele ubunjwe ngokulande­la izifiso zabantu. Sekusemaqe­njini avotelwe ukuba akhumbule isenzo sikamadiba sika1994 esadida abaningi kodwa namuhla esesihleli obala ukuthi wayeqopha isixazulul­o esiyokwazi ukusebenza nxa kungekho inkunzi ezehlula izikhiphe esibayeni zonke. Ngale kwalokho, asazi sonke kwasho umakoti esuzile!

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa