Insambatheka yesinqumo sikamandela yayicaba indlela ka-2024
L WALUNGAKAQINI ukhakhayi kimi ukuthi ngangingahluza izindaba ezithinta ukubuswa kwezwe ngesikhathi kuvotwa ngo-1994 kodwa ngase ngithombe ngokwanele ukukwazi ukuzikhethela. Nokho ukhetho lwanonyaka (ngolwesithathu esisuka kulo) lufike sengingakwazi nokujamelana nezingwevu ngemibono enginayo kwezombusazwe. Kungekhona ukuthi ngiwungoti, kuphela uthuli lobude benyathuko yokuphila selwakhele inkwali eyanele ukuba ngithibele ezinye izingqweqwe. Yilesi sizathu-ke namuhla ngizoke ngithi jwaphu kule ncoso ezothululwa kulo galaza uma sekukhishwa imiphumela yokhetho ngesonto. Indaba ngiyikhomba ku-1994: Kulolo khetho lokuqala I-ANC eyayiholwa yiqhawe lomzabalazo, umnuz Nelson Mandela, yayingenantanga. Kodwa umandela wathatha inkilayitheka yesinqumo sokuthi ameme labo ababeyizitha zakhe nalabo iqembu ayelihola I-ANC elalingabanambithisi kahle ngenxa yokubanuka ngokuba nesandla ekwelekeleleni umbuso wobandlululo. Ukuthi umadiba wayexakwe yini ukuthi aze avulele izimbangi zakhe ukuba zizoba naye ekulawuleni izwe ekubeni abavoti bemnike wonke amandla, akwazi muntu. Baningi abasala bengundaza kodwa basala sebehlonipha incanzelo kamandela yokuthi wayakha uhulumeni wokubuyisana awubiza ngegovernment of National Unity. Umandela wahudula uhodoba owayeyingxenye yabakhunkuli bobandlululo, umnuz FW de Klerk, wamenza iphini likamengameli lesibili. Wamema umntwana wakwaphindangene owayenganambithisiswa abaningi kukhongolose wamnika isikhundla sobungqongqoshe. Wabuyisa omunye owayeyishoshozela kuhulumeni wobandlululo, umnuz Pik Botha, wamnika isikhundla kwikhabhinethi yakhe. Ngicaphuna amazwibela, kodwa asiwuyeke lo mlando ngoba ngizeka indaba eniyaziyo nonke. Sesiluthaphuzile-ke lolu khalo lweminyaka engu-30 yenkululeko. Sekuhambe kwahamba lagcina izwe selinochithi saka wezicagogo zamaqembu epolitiki. Alikho nelilodwa iqembu kula amakhulu elingakacazeki laba mahlephuhlephu. I-national Party (NP) yazingcwaba ngokugwinyeka kwi-anc. I-democratic Party yavula umfelandawonye nabamhlophe be-np nabanye baleli bala ababeswele ikhaya kwazaleka i-democratic Alliance. Inkatha Freedom Party nayo yaklayeka imisweswana kwaze kwaba khona onadeco no-national Freedom Party neminye imithonseyana engafikanga ndawo. Kwakusele isikhondlakhondla esiyi-anc, naso ebesilokhu sinconzulwe ungonconzulwa - kusukela ezinsukwini ZO-UDM, kwaba yi-cope NE-EFF kuze kuzoba namuhla lapho umnuz Jacob Zuma engasathathi amantshontsho (njengabashiya phambi kwakhe) kodwa ubukeka edephuna umkhono wonke ozokhubaza umbuso "wezingane zikatambo". Ngithini, ngathemeleza kangaka? Ngibhala lokhu engikubhalayo nje, angazi ukuthi uthi olukhomba izimfivilithi kulokhu kuvota okwenzeke ngolwesithathu kusa namhlanje nje luncincizela ngaphi. Izolo abe-mk Party bebevokomele amaphiko ngenxa yokwenza kahle ngasekuqaleni kokubalwa kwamavoti, ikakhulu Kwazulu-natal. Ukhongolose ubuveza izimpawu zokuthi akakabi nantanga kuzwelonke nakwezinye izifundazwe eziningi. Kodwa kunesithombe esidwebekayo ngensambatheka yesinqumo esathathwa umadiba ngesikhathi akha uhulumeni ngo-1994. Sakwamukela ukuthi wayegqugquzela ukuphilisana phakathi kwezinhlanga nezinhlangothi ezazingezwani. Kodwa sengathi izibalo zalolu khetho zenza isenzo sikamandela sibe yisiphrofetho esingumkhombandlela wokuthi iningizimiu Afrika iyizwe elifanele ukuphathwa ngokubambisana. Kuba nomsindo ovusa inzondo endala uma kuphethe othola amavoti amaningi. Le politiki enokuphikisa phakathi isihlalisa ngesinqe esisodwa ezweni lethu, futhi nokuhlukana kwemibono yabantu okubonakala ekuvoteni kwabo kuchaza ukuthi uzinzo alusoze lwaba khona ezweni uma kungabanjiswene emandleni. Ubusela buyohlale bumi ngenhla kwabangena ngewindi lokuwina ngamavoti angafikephi. Umhobholo uyohlala usenza sixovana imimoya, kulimale ukuthuthukiswa komphakathi. Kuseluvindi ukuthi singathi kuyoshona elangesonto uthi oluthanda izimfivilithi lukhomba ngaphi. Umadiba wayephrofethe ubunye, njengoba izibalo zamavoti zitshekela ngasekuphoqeni ukuba kube khona ukubambisana ekuphatheni. Uma bonke laba abamele lolu hide lwamaqembu abengenele ukhetho beneqiniso futhi bengabaholi bangempela, bazovuma ukuhlala phansi bebonisane ngokuthi lo hulumeni kumele ubunjwe ngokulandela izifiso zabantu. Sekusemaqenjini avotelwe ukuba akhumbule isenzo sikamadiba sika1994 esadida abaningi kodwa namuhla esesihleli obala ukuthi wayeqopha isixazululo esiyokwazi ukusebenza nxa kungekho inkunzi ezehlula izikhiphe esibayeni zonke. Ngale kwalokho, asazi sonke kwasho umakoti esuzile!