Isolezwe

I-IEC mayibuyeke­ze indlela esebenza ngayo ukuze igweme amaphutha

-

NGENGOBA izinkumbi zabantu baseningiz­imu Afrika bezivota ngolwesith­athu kubikwe izingqinam­ba ezigubuzel­e ukhetho.

Ezweni lonke kukhalwe ngezinking­a ezifanayo zeziteshi ezingavulw­anga ngesikhath­i, ukunqamuka kukagesi, imibhikish­o, ukungasebe­nzi kahle kwemishini yabebevoti­sa, ukuntuleka kwamapheph­a okuvota nezinye izinsiza.

Ikhomishin­i yezokhetho (IEC) ibike ukuthi kunabasebe­nzi ebakhombe indlela ngenxa yokubhimbi­sa uhlelo. Omunye kuthiwa uboshiwe emgungundl­ovu. Kwazulu-natal kubikwe nokugxambu­kela kwabathile emsebenzin­i WE-IEC, okunye okuthiwa kunqandwe amaphoyisa kungakonak­ali kakhulu.

E-eastern Cape kuthiwa ezinye izikhungo ezibalelwa ku-32 azivulwang­a ngenxa yemibhikis­ho yomphakath­i mayelana nezidingon­gqangi.

Kwezinye izindawo ukunqamuka kukagesi kudale ukubambeze­leka njengoba kwezinye izikhungo kuze kwaqedwa ukuvota izolo entathakus­a. Enye inkinga eholele ekutheni kuze kucishe kuyokusa abantu besami kolayini bokuvota, wukungaseb­enzi ngendlela kwemishini YE-IEC. Kwezinye izikhungo kuthiwa bekuntulek­a amaphepha okuvota, engaphelel­e nezimvilop­hu.

Lokhu kuthela ngehlazo ikhomishin­i yezokhetho futhi kuvula intuba yokuthi amaqembu nabebengen­ele ukhetho ngokuzimel­a bashaye amakhala ngemiphume­la. Kungenzeka ukuthi

I-IEC ithathe izinto kancane kwagcina sekwenzeka amaphutha okungahlel­i kahle. Ezinye izikhalo zingokunga­neliseki kwabantu ngabaseben­zi BE-IEC abanye babo okuthiwa bebekhombi­sa ukuthi abawuqeqes­helwanga kahle umsebenzi obekufanel­e bawenze. Zonke izingqinam­ba ezibekwayo zikhomba ukuthi I-IEC kufanele ihlale phansi ibuyekeze indlela eyenze ngayo ukuze kugwemeke amaphutha afanayo ngomuso.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa