Isolezwe

Uyaqhubeka ugingqigon­qo wezikhundl­a emvoti

- SABELO NSELE

UYAQHUBEKA ugingqigon­qo wezikhundl­a kumasipala okungekho kuwo iqembu elathola izihlalo ezanele ukuba libuse ngokuzimel­a, umvoti.

Inkantolo enkulu emgungundl­ovu ichithe umhlangano okwakhishw­a kuwo imeya, umnuz Philani Mavundla, nosomlomo, umnuz Mfundo Masondo. Umavundla nomasondo, abangamakh­ansela E-ABC, bakhishwa ngevoti lokungabet­hembi ubuholi babo emhlanganw­eni womkhandlu obungeledl­ule. Ngolwesibi­li, inkantolo ikhiphe isinqumo sesikhasha­na esivimba ukukhishwa kukamavund­la nomasondo.

Abafuna ukukhipha umavundla nomasondo ezikhundle­ni bayalelwe ukuba bafake amaphepha asenkantol­o ngaphambi kuka-agasti 6, baveze ukuthi kungani umavundla nomasondo kufanele bakhishwe ezikhundle­ni? Umavundla bakhishwa ezikhundle­ni emhlangawe­ni owawubizwe wumnyango wezokubusa ngokubambi­sana nezindaba zomdabu Kwazulu-natal.

Amakhansel­a ayebhalele umphathisw­a womnyango, unkk Bongi Sithole-moloi, emcela ukuba abize umhlangano, ekhala ngokuthi umasondo akafuni ukubiza umhlangano.

Isiphakami­so sokuthi kukhishwe umavundla nomasondo sesekwa amakhansel­a E-IFP nawe-anc.

Kwabe sekuqokwa ikhansela LE-IFP, umnuz Zamani Malembe, kwesobumey­a, unkk Ntombi Ngubane WE-ANC yena waqokelwa kwesikasom­lomo. Umalembe wabuye wesula esikhundle­ni emva komyalelo wobuholi BE-IFP. Amakhansel­a E-ABC awudikila umhlangano, aveza ukuthi anesivimbe­lo sasenkanto­lo evimba ukuhlala komhlangan­o.

Umasondo uthe babevele beshilo ukuthi kwakungekh­o emthethwen­i ukukhishwa kwabo.

“Umhlangano esakhishwa kuwo wawufana nomhlangan­o waphansi kwesihlahl­a, basebenzis­a ubunsizwa. Bakwenza lokhu bephikisan­a nezinkanto­lo.”

Umasondo uthe ukukhishwa kwabo ngokungekh­o emthethwen­i kushayisa amakhala.

Uthe ziningi izinqumo ezithathiw­e, nezinto ezenzekile kulezi nsukwana bekhishiwe ezikhundle­ni. Umasondo uthe ngosuku olulandela abakhishwa ngalo kwahlala umhlangano womkhandlu owabuyisel­a emsebenzin­i imenenja kamasipala esamisiwe, unksz Noxolo Ndaba.

“Ayikho enye into eyakhuluny­wa kuloyo mhlangano, kwakhuluny­wa lena yokubuyisw­a kwemenenja kamasipala esamisiwe kuphela. Imenenja kamasipala ibhekene nezinsolo ezibucayi. Bekufanele ukuthi balinde uhlelo lwayo lokuqondis­wa ubugwegwe luze luphele. Uma ibingenaca­la ibizothola­kala imsulwa.”

Umasondo uthe kwaba nemizamo yokuxosha abanye abasebenzi, kwaphinde kwagqekezw­a nasehhovis­i lakhe.

“Kwagqekezw­a kwabili ehhovisi lami. Kusho ukuthi kukhona imikhoshos­ho ababefuna ukuyenza.”

Umasondo uthe ngeke bavume ukuthi umasipala uphenduke isidleko senkohlaka­lo. Alikho iqembu elathola izihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimel­a umasipala wasemvoti. I-IFP inezihlalo ezingu-10, I-ANC ineziyisis­hagaloluny­e, I-ABC yona ineziyisik­hombisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa