Isolezwe

I-ANC ibisazihol­a phambili kuzwelonke

- MHLENGI SHANGASE

YIZE kuseva ukuqinisek­isa ukuthi yiliphi iqembu elidle umhlangani­so kuzwelonke ngoba kuqhubeka uhlelo lokucwanin­ga imiphumela yokhetho kodwa siye koshicilel­a izolo ebusuku, I-ANC isazihola phambili ngezibalo kuzwelonke.

Inhlangano ibisathole amavoti angaphezul­u kwesigidi, ilandelwa yida ngabalelwa ku-600 000, kanti I-EFF ibisathole angaphezu kuka-200 000.

Iqembu eliholwa ngowayengu­mengameli WE-ANC nezwe umnuz Jacob Zuma, Umkhonto wesizwe, belilele endaweni yesine ngamavoti angu-196 000.

I-patriotic Alliance ibilele endaweni yesihlanu ngamavoti abalelwa ku-98 000, ilandelwe YI-IFP ngamavoti acela ku-50 000.

Bekusabalw­e amavoti evile ku-2.5 million, kanti acekeleke phansi abesabalel­wa ku-33 000.

I-ANC ibisami ku-43.41% ngokwesekw­a kanti kuzomele inhlangano ithole ngaphezu kuka-50%, ukuze ibuyele emandleni.

Uma ithola ngaphansi kwalokhu kuzodingek­a ukuthi isebenzisa­ne namanye amaqembu ukuze ikwazi ukugcina amandla.

I-ANC ibisahamba phambili ezifundazw­eni eziyisikho­mbisa okuyimpuma­langa, North

West, Northern Cape, Limpopo, Free State,

Eastern Cape nasegauten­g. Ewestern Cape I-DA ibizihola phambili kulandele I-ANC, kanti Kwazulunat­al I-MK iyona ehamba phambili kulandele I-IFP. I-ANC ibihleli ezithenden­i endaweni yesithathu EKZN.

I-IFP ibifuna ukubuyisa isifundazw­e ngoba yayisiphet­he ngaphambi kuka-2004.

Leli qembu belilokhu lizidlela amahlanga uma kunokhetho lokuchibiy­ela EKZN.

Usihlalo WE-ANC umnuz Gwede Mantashe, ekhuluma nabezindab­a ekomkhulu lemiphumel­a emidrand egauteng izolo, uthe umangele ngokwenza kahle kwe-mk EKZN.

Uthe kodwa kwezinye izifundazw­e akathembi ukuthi izokwenza kahle.

“Sifuna ukuwina ngamalengi­so kulolu khetho. Sisabheke yona asikayikhu­lumi eyokuthi sizobambis­ana naliphi iqembu okwamanje. Sizobona emuva kwemiphume­la,” kusho umantashe.

Umengameli WE-ANC umnuz Cyril Ramaphosa, ubezishaya isifuba njalo uma ekhankasa eveza ukuthi banethemba lokuthi bazobuyela ekuphathen­i izwe kanjalo nesifundaz­we IKZN emuva kokhetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa