Isolezwe

Indumalo ekhempini yenigeria ngaphambi kowebafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IBAFANA Bafana izowudlala ibanjelwe umdlalo omqoka ka-group C weyokuhlun­gela indebe yomhlaba ka-2026 kulandela ukulimala, kukavictor Osimhen, oyisithenj­wa senigeria abazobheka­na nayo ngojune 7 egodswill Akpabio Stadium, e-uyo.

Ukulimala kuka-osimhen, ongeke awudlale owebafana nowebenin, kunyomfa izinhlelo zaleli qembu lesizwe elimelwe ukuqala liqoqe amaphuzu agcwele kwazise lisadlale ngokulinga­na kwemibili yokuqala yamaqoqo.

Kwenzeka lokhu nje umqeqeshi omusha wenigeria, ufinidi George, usanda kuveza injabulo yakhe ngezinhlel­o zeqembu lesizwe aliqala kabusha.

Uthe uzishaya isifuba ngolwazi asenalo ngokuqina nokuba buthaka kwabadlali bebafana ngokwahluk­ana kwabo.

Ukulimala kuka-osimhen kufanele ukuba kunyusa ukuzethemb­a ekhempini yebafana okufanele isikwati sayo sinqanyulw­e umqeqeshi, uhugo Broos, namuhla ezindlini zokusakaza zakwasabc, e-auckland Park, egoli.

U-osimhen oneminyaka engu-25 ubudala uyena ophethe isicoco sokuba ngumdlali waseafrika ongcono kunabo bonke okufakazel­wa ukuthi emidlalwen­i engu-27 aseyidlale­le amasuper Eagles, inethi useyibhaku­zise kwengu-20.

Inigeria Football Federation (NFF) ikhiphe isitatimen­de ngolwesibi­li imemezela ngokulimal­a kwalo mdlali.

“Kunezindab­a ezimbi ezivela ekhempini yamasuper Eagles ezithinta umdlali ovelele e-afrika u-osimhen ozohlala amasonto amane engalithin­ti ibhola ngenxa yokulimala,” ibibhalwe kanje enye ingxenye yesitatime­nde.

“Endaweni ka-osimhen umqeqeshi wamasuper Eagles, ufinidi, uzofaka umdlali wasemuva we-enugu Rangers, ukenneth Igboke, ukuba adlale kowebafana Bafana nakowebeni­n,” kuphetha isitatimen­de.

Kungenzeka ukuthi ugeorge ulanda isitobha nje, ingoba waneliswe ifomu, ka-ademola Lookman, ayikhombis­e kowamanqam­u we-uefa Europa League esiza i-atalanta yase-italy inqoba kwibeyer Leverkusen.

Nakuyona ileverkuse­n inigeria iphethe unyazi lomgadli, uvictor Bonface, obewusizo kuleli qembu lasegerman­y eliqede isizini lingayazi induku kwiligi.

Nabagadli abafana nosamule Chukuweze, we-ac Milan,

Kelechi Ihenacho, Leicester

City no-alec Iwobi, wefulham kufanele ukuba bamqinisa idolo lo mqeqeshi uma kuziwa emafolisin­i akhe.

Inigeria eshaywe kowamanqam­u we-africa Cup of Nations (Afcon), ebise-ivory Coast ngasekuqal­eni konyaka, iqale eyokuhlung­ela indebe yomhlaba ngemiphume­la emibili ethusile.

Iqale yabambana nelesotho kwalandela omunye umphumela obungalind­elekile ngesikhath­i leli qembu licazelana ngamaphuzu nezimbabwe.

Kule sizini u-osimhen ushaye amagoli angu-15 kwinapoli yaseitaly emidlalwen­i yeligi engu-25. Ngo-2022/2023 washayela inapoli amagoli angu-26 eyisiza idla isicoco seligi okokuqala kusukela ngo-1990.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UVICTOR Osimhen umgadli wenigeria osekuvele ukuthi ulimele okusho ukuphuthwa yimidlalo yokuhlunge­la indebe yomhlaba ngenyanga ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UVICTOR Osimhen umgadli wenigeria osekuvele ukuthi ulimele okusho ukuphuthwa yimidlalo yokuhlunge­la indebe yomhlaba ngenyanga ezayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa