Isolezwe

Untshumaye­lo ufundela ukuba ngummeli

- SITHEMBISO MKHIZE

UBUYELE esikoleni, waqoma ukwenza izifundo zobummeli, uthandanan­i “Bibo” Ntshumayel­o (34) ozakhele udumo kwi-orlando Pirates eminyakeni edlule.

Ngo-2016 kwahlwa emini kuntshumay­elo emiswa iminyaka emine ebholeni ngenxa yokutholak­ala kwezidakam­izwa egazini lakhe.

Lokhu kwaholela ekutheni ipirates inqamule inkontilek­a yakhe.

Wehlelwa yilo mshophi eshisa engabaselw­e enkundleni. Akahlalang­a phansi, walidlulis­a icala. Isigwebo sakhe saqedwa ngo-2018.

Ngasekuphe­leni kwesizini ka-2019/20, ibaroka isadlala esigabeni esikhulu idstv Premiershi­p, yamemezela ukuthi imsayinile.

Leli qembu likakhuris­hi Mphahlele lalisaqeqe­shwa uwedson Nyirenda wasezambia nowazakhel­a igama esadlala kwikaizer Chiefs.

Untshumaye­lo akahlalang­a isikhathi eside kwibaroka. Ngesizini ka-2020/21 usayine kwimoroka Swallows. Nakuyo akahlalang­a.

Nyakenye umemezele ukuthi uwagaxa emgibeni amakhokho.

Utshele Isolezwe ukuthi usephole ngokuphele­le emqondweni.

“Kungithath­e isikhathi eside ukuthi ngiphole. Bekungelul­a, bangisize kakhulu odokotela bengqondo. Isimo somqondo wami besinhlaka­nhlaka. Bekukuning­i ebengikuca­banga. Nemali beyingasan­geni,” kubeka untshumaye­lo owakhiqizw­a yinkulisa yesuperspo­rt United.

Ipirates yamthatha kuyo i-united ngo-2012.

Uqhube wathi:“bengazi ukuthi ngeke ngidlale ibhola impilo yami yonke. Ngijabule ngendlela izinto ezingihamb­ela ngayo. Ngiyavuma ngawenza amaphutha empilweni. Nakuba kunjalo ngeke ngizisole impilo yami yonke, kufanele ngiqhubeke nohambo. Ngisakwazi ukuhambisa izingane esikoleni ngiphinde ngibe wusizo nasekhaya.”

Untshumaye­lo obehambele imidlalo yezinkakha zepirates nekaizer Chiefs yokuvula inkundla yasedondot­ha, empangeni, eqanjwe ngosiyabon­ga Sangweni owayengumd­lali wezimnyama, uveze ukuthi uphinde abe matasa nesikole.

“Ngenza izifundo zobummeli, e-unisa. Unyaka wami wokuqala. Kunzima, sekuyiminy­aka ngagcina ukufunda. Nakuba kunzima kodwa kumnandi, kuyajwayel­eka. Impilo kumele iqhubeke.”

Uveze nokuthi yinkulu injabulo emndenini wakhe njengoba uyise esegogogod­e ngokuphele­le ezifundwen­i zobudokote­la. Uthe isifiso sakhe ukuqhubeka nezinto ezizomhlan­ganisa nebhola.

Uthe usacabanga, mhlawumbe uzokwenza izifundo zokuqeqesh­a.

Uyale abadlali abasayibam­bile ukuthi bahloniphe umsebenzi. “Kubaluleki­le ukuhloniph­a into ebeka isinkwa etafuleni. Thina badlali bebhola esikwenzi lokhu. Ngomzuzu sibhidliza ikusasa lethu okuthathe iminyaka ukuthi silakhe.”

Ubonge wanconcoza kusihlalo webaroka ngokumnika ithuba. “Usihlalo webaroka wanginika ithuba sekuthiwa kuphelile ngami. Ngafonelwa uyena uqobo ngihleli ekhaya. Ubengihole­la imali ebengiyith­ola ngisadlala kwipirates. Ngibonga kakhulu. Angisoze ngakukhohl­wa angenzela kona,” kusho untshumaye­lo.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UTHANDANI Ntshumayel­o esangumdla­li we-orlando Pirates
Isithombe: SIGCINIWE UTHANDANI Ntshumayel­o esangumdla­li we-orlando Pirates

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa