Isolezwe

Ichiefs ibheke isinqumo sikakhune

- ZAKHELE XABA

I-KAIZER Chiefs isilinde isinqumo sikanozint­i, u-itumeleng Khune, okulindele­ke ukuthi acacise ngekusasa lakhe kuleli qembu.

Emasontwen­i adlule, ukhune uhlonishwe yichiefs yambonga ngomsebenz­i wakhe eminyakeni engu-25 eyibambile enaturena. Lokhu kwenzeke ngaphambi komdlalo wayo weligi nepolokwan­e City EFNB Stadium. Ekuqaleni kwesizini, ichiefs imemezele ukuthi inika ukhune inkontilek­a yokugcina engumdlali wayo.

Nokho lo nozinti uthe usazimisel­e ngokudlala amanye amasizini kwidstv Premiershi­p. Ekuqaleni kwesonto, kuvele ukuthi isuperspor­t iyayicaban­ga ekakhune kwazise ifuna unozinti ozovala isikhala sikaricard­o

Goss ophindela eqenjini lakhe imamelodi Sundowns. Ngokuthola kwaleli phephandab­a, ichiefs ayizimisel­e ngokumlahl­a ukhune kodwa ayisenayo indawo yakhe.

“Abaphathi balinde u-itu ukuthi aphumele obala ngafuna ukukwenza. Siyazi ukuthi uthe usafuna ukudlala kodwa lokho ngeke kusenzeka kwichiefs. Uma esafuna ukubuyela ensimini kuzofanele ayodlala kwelinye iqembu. Kodwa ke yiliphi iqembu elisengath­atha u-itu?” kusho umthombo.

“Kufanele ahlangane nabaphathi kuleli sonto ezocacisa ukuthi ufuna ukwenzani. Uma eqoka ukuhlala, angingabaz­i ukuthi kukhona umsebenzi azonikezwa wona ngaphakath­i. Uma kukhulunyw­a ngomuntu onamathuba kwichiefs, ngu-itu. Kodwa ke uyena ozosho ukuthi ufuna ukwenzani.”

Okhumela ichiefs, uvina Maphosa, uthe ngeke baphendule umthombo wabezindab­a ngamunye mayelana nodaba lukakhune.

“Sizobiza isithangam­i nabezindab­a sizonekela izwe ngokuzokwe­nzeka ngokhune. Ichiefs ngeke iphendule umuntu ngamunye ngalokhu. Kodwa kuzokwenzi­wa phambi kwemithomb­o yabezindab­a uma sekufike isikhathi,” kusho umaphosa.

Ukhune ekhasini lakhe lezokuxhum­ana i-instagram ulokhu ezifake njalo izithombe zezinsuku azihlale kwichiefs. Akukuningi akushoyo okucacisa ngekusasa lakhe kuleli qembu. Kwesakamuv­a asifake ngolwesibi­li, ubemi nomqeqeshi wonozinti kwikaizer Chiefs isikhathi eside, urainer Dinkelacke­r, emnikeza ijezi lakhe (ukhune) elisayiniw­e, besihambis­ana nombhalo othi, “ngiyabonga Mr D.” Kwezinye ake azifaka kuleli sonto besiveza esawumfana omncane kumakhosi, kuze kufika kulezi abebongwa kuzona, wabhala wathi, “@ kcofficial impilo yami.”

Ukhune ubalwa nabadlali bechiefs abaphelelw­a yizinkonti­leka ngenyanga ezayo. Kulaba badlali kukhona unjabulo Ngcobo, Keagan Dolly, Edmilson Dove, Siyethemba Sithebe, Lehlohonol­o Matlou nosifiso Hlanti onombandel­a wokuyelula.

Amakhosi ahlalelwe wumsebenzi wokuthunga­tha unozinti ozovala isikhala sikakhune. Kunamahleb­ezi athi acathamela unozinti wechippa United, ustanley Nwabali ovimbela iqembu lesizwe lasenigeri­a.

Onozinti abebebanga ijezi nokhune ubruce Bvuma okuphele isizini kunguyena ovimbayo nobrandon Petersen oqale enikwa ijezi kodwa lagcina limlahleke­le ngenxa yamaphutha.

 ?? ?? ITUMELENG KHUNE
ITUMELENG KHUNE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa