Isolezwe

Owakuleli ufuna impinda nepirates kwichampio­ns League

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI waseningiz­imu Afrika ovikele isicoco seligi yasebotswa­na nejwaneng Galaxy FC, umorena Ramoreboli, ufisa ukuphinda abhekane neqembu lakuleli kwicaf Champions League ngenhloso yokuzidayi­sa kwipremier Soccer League (PSL).

Uramorebol­i uwina isicoco sesibili kulandelan­a ngamaphuzu angu-65 nje, umiswe kabi yitownship Rollers (64) negaborone United (63) embangweni okudingeke ukuthi uye emidlalwen­i yokugcina ukuze kuzophuma umakhonya webotswana Premier League.

Lokhu kuhlabana uramorebol­i kucacisa ukuthi isizini edlule bekungelon­a iphutha, kumnika igunya lokuphinde­la kwichampio­ns League ngesizini ezayo.

Kuzokhumbu­leka ngesizini edlule ukuthi ijwaneng iyona ekhiphe i-orlando Pirates kusahlunge­lwa ukungena kweyamaqoq­o echampions League.

Lo mqeqeshi okunguyena futhi owayepheka imaluti FET College ngesikhath­i iphoxa ipirates kwinedbank Cup ngo2004, akananking­a nokuphinde abhekane neqembu lasemzansi kweyechamp­ions League.

Ngesikhath­i ekhuluma nesolezwe uramorebol­i ukuvezile ukuthi inkontilek­a anayo nejwaneng iphelile kodwa ukholelwa ekutheni abaphathi bayo bazoqhubek­a naye.

“Nakuba ngisazimis­ele ngokuqhube­ka kwijwaneng okwamanje kodwa isifiso esikhulu ukwakha igama ngokwanele ukuthi ngingabi nenkinga yokuthunga­tha umsebenzi uma sengibuyel­e ekhaya,” kusho lo mqeqeshi wasefree State.

“Akukona ukuthi ngiyakujab­ulela ukufaka usizi emaqenjini aseningizi­mu

Afrika kodwa kimina ithuba lokuzidayi­sa ngoba iqiniso ukuthi ngiyafisa ukusebenza ekhaya ngelinye ilanga.

“Ngicabanga ukuthi izovuselel­wa inkontilek­a yami nejwaneng ngoba konke kubukeka kusahamba ngendlela ebesihlele nebesivume­lene ngayo,” kusho yena.

 ?? ?? UMORENA Ramoreboli umqeqeshi wejwaneng Galaxy ephakamisa indebe yebotswana Premier League neqembu lakhe ngempelaso­nto edlule ebese beyithatha okwesibili kulandelan­a Isithombe: FACEBOOK/JWANENG GALAXY
UMORENA Ramoreboli umqeqeshi wejwaneng Galaxy ephakamisa indebe yebotswana Premier League neqembu lakhe ngempelaso­nto edlule ebese beyithatha okwesibili kulandelan­a Isithombe: FACEBOOK/JWANENG GALAXY

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa