Isolezwe

Usaso nokubungaz­a impumelelo yomnyama ngetende KUDBN July

- NOKUBONGWA PHENYANE

UFUNA ukulethela abantu into ehlukile nengakaze ibonakale emjahweni wamahhashi owaziwa ngehollywo­odbets Durban July, umculi futhi ongusomabh­izinisi usaso Ngcobo.

Umcimbi wanonyaka uzobanjelw­a ehollywood­bets Greyville Racecourse, ngojulayi 6.

Usaso oyilungu leqembu idream Team, kuzothi emcimbini wangojulay­i 6 abe netende lakhe isaso’s Brunch Marquee. Kuleli tende uthe kulindelek­e kubonakale intsha esiphumele­le emikhakhen­i ehlukene neqhamuka kulona lonke leli.

Ekhuluma nesolezwe, uthe yize kungeyona into entsha kuye ukwenza imicimbi kodwa nje ukungena abe netende kulo mcimbi kuye kufezeke iphupho leminyaka.

“Sekuyiminy­aka ngisebenza ngemicimbi, ngakho ukwenza lona kungithath­e iminyaka emithathu. Kulo mcimbi ngihlele ukuthi kuhlangane abantu abasha abazokhulu­ma ngezinto ezehlukene ezizobathu­thukisa. Kuleli tende sizobungaz­a impumelelo yomuntu omnyama osemusha ngakho ngithi bonke abafuna ukuzojabul­a nathi abeze njengoba kukuningi abazokuzuz­a uma sesihlange­ne,” kusho usaso.

Uthe okunye akujabulel­e ukuthi kuleli tende umculi u-oscar Mbo uzobonakal­a etendeni labo kuphela.

“Abanye osaziwayo abazobonak­ala etendeni lethu nesesibame­mile abantu esibabonil­e bekhula kulo mkhakha wezobumnan­di nabo abayisibon­elo manje. Abanye abazoba khoba kubalwa ubenny Maverick, DJ Sox, Slee Ndlovu, Minnie Ntuli, Sethu Nkosi nabanye.

Uthe amathikith­i abafuna ukuba yingxenye yabo aseyathola­kala ewebticket ngamanani ehlukene.

“Okwamanje ngeke sikwazi ukumemezel­a wonke umculi ozobonakal­a esiteji enandisa. Kodwa bakhona esibabophe­le abayobonak­ala ngosuku lomcimbi, kanjalo nosaziwayo esibamemil­e ukuthi babe nathi,” kuchaza yena.

Amanye amatende asememezel­e ukuthi ayabuya kulo nyaka kubalwa ihollywood, iboomtown ne-afrotainme­nt.

 ?? SITHUNYELW­E ?? USASO Ngcobo odume eqenjini idream Team okuzothi kulo nyaka abe netende lakhe okokuqala emcimbini wamahhashi ihollywood bets Durban July, isaso’s Brunch Marqueeisi­thombe:
SITHUNYELW­E USASO Ngcobo odume eqenjini idream Team okuzothi kulo nyaka abe netende lakhe okokuqala emcimbini wamahhashi ihollywood bets Durban July, isaso’s Brunch Marqueeisi­thombe:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa