Isolezwe

Hamba kahle Mnguni, siyizintat­heli usincelisi­le kowakho ogwansile!

- Nhlanhla Mathonsi ENTUZUMA

MHLELI: Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo ngokuwa komuthi omkhulu endimeni yokucoshel­a nokubhalwa kwezindaba emaphephan­dabeni, umnuz Mbongeni John Khuzwayo, (ubab'umnguni). Impela sigqemeke engeqiwa ntwala ingozi ngomnguni.

Umkhakha wezindaba ulahlekelw­e ngaleli qhawe ngoba ubewumbele ogwansile kithina esiyizinta­theli ezincane esafikela kuye ephephanda­beni Ilanga, wasicathul­isa saze saba namagama endimeni yobuntathe­li.

Ngiphinde nganenhlan­hla yokusebenz­a naye nasephepha­ndabeni Isolezwe.

Ubenenhliz­iyo enhle, ewusizo emphakathi­ni ngezindlel­a eziningi futhi ekwazi ukukuhloni­pha noma ngabe umncane kunaye njengathi. Ubenesiphi­wo sokulalela uma kukhuluma omunye umuntu, engathandi ukuthi umuntu amngene emlonyeni uma ekhuluma. Ubekhetha ukumdedela umuntu akhulume kuqala kunaye aze asho athi "khuluma sibanibani ngoba ngiyabona uyashisa."

Bekumkhath­aza ukubona abantu abamnyama besabhukud­a enhluphekw­eni esabekayo, uhulumeni wabo usuphethe, ekhala ngezikhulu ezithile athi wayesondel­ene nazo ngesikhath­i somzabalaz­o esezenza sengathi azisalazi iqhaza lakhe emzabalazw­eni, ethi sekunzima nokuxhuman­a nazo ngamaselul­a.

Umnguni ubeyaye asitshele ukuthi usebenzele inhlangano esakaza ngomoya kwelamangi­si ibritish Broadcasti­ng Corporatio­n (BBC) njengentat­heli ezimele ebika ngezidubed­ube ezazenzeka ngesikhath­i sobandlulu­lo, bezinze ebhilidini elibizwa ngediakoni­a

ethekwini, ngaphambi kokujoyina Um’afrika.

Ulwazi nesipiliyo­ni abenaso besimangal­isa. Ubeyinqolo­bane yolwazi ezihambela­yo olwimini lwesizulu, ekwazi ukucikoza ngalo. Ngaphezu kwalokho, ubenamatem­u akhe nje azisingule­la wona agcine esesetshen­ziswa abantu asondelene nabo emsebenzin­i njengokuth­i uma esefuna ukuhamba ubecela “ukubhembul­uka” uma ethi uyabonga ethi “siyathokoz­a.”

Uma efika emsebenzin­i uma ebingelela ozakwabo ahluza nabo izindaba kwisolezwe ubethi “inkosi mayibe nani”, bese abavumayo bathi “ibe nomoya wakho futhi.” Uma besichazel­a, kuthiwa isibingele­lo sasemarome­ni lapho umnguni ekhule efunda khona nakuba ubeyinazar­etha lokuzalwa.

Ubesengaph­ezu kokuthi unguzakwet­hu kodwa ubesefana nomngani yize emdala ngenxa yokuthi ubekwazi ukuphila nabantu abasemazin­geni ehlukene. Ubekhuluma isilungu esinenkosi phakathi, ubungafung­a ukuthi wafunda emanyuvesi waze wathola idoctor of Philosophy (PHD) kanti ngenxa yezimo ezinzima akhulele kuzo - emva kokushona kwabazali - waphoqelek­a ukushiya isikole engawenzan­ga u-matric, wayosebenz­a othongathi emshinini kashukela ukuze ondle emndenini.

Ngikhule ngifunda izindaba azibhala ephephanda­beni ezinohlonz­e, nami ngagcina senginents­hisekelo yokungena emkhakheni wokubhala izindaba ephephanda­beni. Ngibe nenhlanhla yokufikela kuye engumhleli wezindaba ephephanda­beni Ilanga, ngaleso sikhathi safika sibaningi sizozama inhlanhla yokuba yizintathe­li ezinamagam­a ngo-2008.

Into eyenzeka wayesikhut­haza ukuthi sizimisele, sibe qotho, sizikhandl­e sibike ngokungach­emi nangeqinis­o, kangangoba wayeke angibize uma udaba engilubhal­ile lushoda ngezimpend­ulo zomuntu okubhalwe ngaye athi “sizoboshwa, awuphinde umshayele ucingo lo muntu ngoba kwenziwa ngaye izinsolo, umbuze ngokulande­lana kwazo izinsolo ukuze abe nethuba lokuphendu­la konke okushiwo ngaye.”

Umnguni ubenesibin­di, engasabi ukudedela udaba olunezinso­lo ezibucayi ngomuntu inqobo nje uma enelisekil­e ukuthi sikwenzile konke okusemthet­hweni nokuyimigo­mo elawula ubuntathel­i. Kukaningi sisatshisw­a abameli babantu esibhale ngabo ngamasaman­isi bethi singalubha­li udaba, noma siluhoxise siphinde sixolise ngesikubha­lile, kepha umnguni ubema nentatheli kuze kube sekugcinen­i.

Ubengenzis­i okwabanye abahleli okuthi uma sekunenkin­ga baziqhathu­lule, intatheli isale izibonela ukuthi iphuma kanjani ekugxekwen­i ngodaba elubhalile ngoba umhleli eseme kude.

Ubeluzonda lolo hlobo lobuholi ngoba ubekholelw­a ukuthi udaba ngaphambi kokuba luphumele emphakathi­ni ludlula ezisefweni eziningi zangaphaka­thi futhi alukho udaba abevuma ukuba lunyathelw­e ngezinyawo ngoba luthinta abangani babantu abathile. Ubungeke ukhiphe imali uthi uyamgwazel­a ukuthi udaba engalukhip­hi ephepheni, ubeyinyany­a leyo nto.

Ubesikhuth­aza ukuya bukhoma endaweni yesigameko sizibonele okwenzekil­e. Le nto yokwenza izindaba ngocingo, ubengayith­andi. Khona into abeyibiza nge-“news behind the news” okusho ukuthi ngale kwalokhu okubonwa abantu njengodaba, kukhona okunye okungaba udaba oluhlabahl­osile kakhulukaz­i emaphephan­dabeni angempelas­onto.

Uma kuwumhlang­ano wezintathe­li, uma intatheli ichaza udaba elulandela­yo kulelo sonto uma lumhlabe umxhwele ahleke abheke phezulu athi "Ugesi westori!" athi “isunday read ngempela!"

Kunesikhat­hi la ayesigunya­za ukuba sisebenzis­e imoto yenkampani nangezinsu­ku okungasets­henzwa ngazo ukuba siyocoshel­a izindaba kuzo zonke izindawo Kwazulu-natal, ethi uma bembuza abaqashi kube nguyena njengomhle­li ochazayo.

Kuningi nokuyimici­bisholo abhekane nakho umnguni sisasebenz­a naye kodwa indaba yangelinye ilanga leyo.

Bekuyindod­a enesibindi futhi engathandi ukubalisa uma ibhekene nobunzima, bekuba ukwazi kwayo yodwa, ubenamanco­ko njalo, ubungeke umthole ehlinile noma enosizi.

Ngangihlal­e uma ngixoxa naye, ngithi yibona ngabe baphethe amanewsroo­m ngokolwazi nesipiliyo­ni sabo, bancelise izintathel­i ezincane ngalo mkhakha wobuntathe­li. Izintathel­i ezikhulayo bezingafun­da okuningi kubab'umnguni.

Lala ngokuthula Mpangazith­a, uyibekile induku ebandla! Umndeni wakhe abewuthand­a ngendlela emangalisa­yo nezihlobo nebandla lakhe lamanazare­tha emzini waseginyez­inye, balale ngenxeba. Sinani ngemithand­azo mndeni wakwakhuzw­ayo. Kwenzeke into engajwayel­ekile ukushonelw­a abantu ababili ngesikhath­i esisodwa njengoba nendodana, usimangali­so Khuzwayo, ishone ngolwesihl­anu yena washona ngesonto ekuseni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa