Isolezwe

Sekusezand­leni zabavotelw­e ukutakula abahlwempu osizini

-

YIZE isasasa lokuvota beliphezul­u okhethweni olwenzeke izolo, kunesithom­be esingafihl­eki ngesimo iningizimu Afrika ebhekene naso ngemuva komshikash­ika wokukhanka­sela amavoti kwamaqembu.

Izithombe zamazombez­ombe ezinjenga zabantu beyovota zibuyise ithemba ngokuthi inqubo yentando yabantu isaphila. Kodwa nxashana usondela kulaba ezindaweni eziningi zabamnyama inhlupheko isobala. Ukungabi namisebenz­i kwentsha kuleli kungaholel­a esimweni esiyimbedu­mehlwana uma ubuholi bungaqhamu­ki nezithombu­lulo ezinobuhla­kani zokwehlisa ububha.

Kasazi noma abebekhank­asa bebekubona yini lokhu noma bebegcina ngokujabul­ela ukugcwala kwezinkund­la lapho bebenxenxa khona amavoti, abantu baswele. Baswele okokuya ethunjini.

Badinga okokondla izingane zabo. Iningi liphila ngokukhang­ezwa ngazo izibonelel­o zikahulume­ni ezingafiki kuphi kulesi sikhathi sokudla okumba eqolo. Isihlava sezidakami­zwa sisefa abasha baphenduke amakhoba bengakaqed­i nokukhula. Ukubhoka kwenkemane kwenza ukuba izigilamkh­uba ziphendule imiphakath­i izidleke zobugebeng­u.

Yilesi sizathu ebesigcwal­isa izinkundla. Bekuchwaza amamashi phakathi neviki I-ANC ikhankasa. Bekuthi ngqoklo umsindo I-MK Party isishaya ujenga lwezimoto ezitaladin­i. Beziba bomvu tebhu izindlela abantu behalazela ukuya ethilogwen­i LE-EFF lemikhanka­so. Bekukhala izihlonono I-IFP imemeza ngemibhobh­o ezimotweni ezijikelez­a emigwaqeni.

Njengoba kuvotiwe izolo, kungaba yinto ephusile ukuba abaholi bepolitiki bazikhumbu­ze ngenhluphe­ko abayibone kubantu uma sebeqala ukwakha uhulumeni omusha.

Iningi labantu lilambile. Ukuklela kwabo eziteshini zokuvota izolo kube luphawu lokuthi basathembi­le ukuthi kukhona okuzoba ngcono. Kungayishw­a uma kungaphela iminyaka emihlanu laba bavoti akade beyonikela ngethemba labo izolo bazizwe bengamathu­luzi okondla osopolitik­i nemindeni nobhululu babo kuphela.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa