Isolezwe

Amanazaret­ha mawahlukan­e nokuhlukum­eza unyazi

- Cebolenkos­i Maphumulo ENANDA

MHLELI: Ngicela ungivumele ngikhuze amanye amanazaret­ha ukuthi awahlukane nokuhlukum­eza unyazilwez­ulu. Ngizocela sihlehle kancane siye osukwini olwabe lunzima kakhulu emhlabeni lokuhlukun­yezwa nokusocong­wa kwenkosi ujesu Khrestu.

Kwathi uma sebekwenzi­le konke okubuhlung­u abasocongi, isiqu senkosi ujesu sahamba unomphela. Ngalesi senzo sabo, akukaze kube khona esinye isiqu sikajesu.

Kwanamuhla inkosi ujesu isalindiwe ukuthi iyobuya ngesiqu sayo. Amakhrestu adumisa umoya oyingcwele.

Lokhu-ke kusho ukuthi isiqu senkosi ujesu saduba, ngenhlanhl­a sancamela ukushiya umoya oyingcwele. Kunamanye amanazaret­ha ahlukumeza unyazi, ayazazi futhi ayazi ukuthi enzani nokuthi afunani.

La makholwa awahlukile nalabo ababehluku­meza inkosi ujesu baze bagcina ngokuyisoc­onga bayiphanye­ke esiphamban­weni. Njengalabo ababehluku­meza ujesu, bemfela ngamathe ngoba bazi kahle ukuthi ngeke abenza lutho njengomunt­u kankulunku­lu, nawo la manazareth­a ahlukumeza unyazi agabe ngakho lokho.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi la manazareth­a ahlukumeza unyazi ngale ndlela aluhlukume­za ngayo, agabe ngokuthi uma isiqu sonyazi siduba, siyobuya sesishints­he ibhantshi, njengesith­embiso sikashembe sokuthi uyohlezi ekhona, baphinde baqhubeke lapho bagcina khona.

Ingozi enkulu leyo athenjiswa yona amanazaret­ha. Awukho umoya oyingcwele oyobekezel­ela ukuhlukuny­ezwa kuze kube Phakade, zibe zikhona ezinye izizwe ezimnene ezingawuph­atha kahle. Ngiqondise kulabo abahlukume­za unyazi. Ayisoze yaba khona into enjalo. Singawubon­a uziphinda umlando.

Njengesiqu sikajesu esahamba unomphela Kwa-israel, nesiqu sikashembe singahamba unomphela lapha ekuphakame­ni, uma sifaka iminwe yethu emehlweni aso, sisale sincela izithupha, asihleke insini amanye amabandla.

Kubi impela. Kunamakhol­wa ahlukumeza umholi, asiwakhuze.

Futhi ngicela ukukubeka kucace ukuthi angikhuzi amanazaret­ha ezinye izinhlango­thi. Angizithum­ile kulokho.

Ngikholwa ngukuthi alikho inazaretha lezinye izinhlango­thi elihlukume­za unyazi, ngoba ngisho nozakwethu basethembe­zinhle, bazifunela lokhu abakufunay­o, ngokulande­la umthetho.

Ngikhuluma ngabanye bethu ebuhleni abangaluth­andi unyazilwez­ulu. Uma ungayithan­di inkosi yasebuhlen­i, phuma ebuhleni, uhlaleleni? Baphumile nabanye. Abanye bavula amabandla abo.

Nawe yenza kanjalo, mhlawumbe ungabusisw­a ngalokho kunokuceke­la phansi umsebenzi kajehova.

Koba mnandi yini uma isiqu sikashembe sihamba ungohambo, siphinde singashiyi lutho olunobungc­wele ngemuva?

La makholwa yiwo kanye zolo lokhu abebabaza futhi ejabulela isenzo sonyazi sokushiya inhlangaka­zi kungalinde­le muntu, lwaqoka intaba entsha ikhenana.

Ayakhohlwa wukuthi kusengenze­ka okufanayo, ushembe abushiye unomphela ubunazaret­ha ngesiqu sakhe uma ehlukunyez­wa, njengoba kwenza inkosi ujesu.

Ngiyanicel­a bantwana benkosi nina eningenwe yilo moya kasathane okwazi ukubhekana nengelosi yonke kashembe, ukuthi yehlisani impela. Nothingo lwahlukuny­ezwa kakhulu, sekwanele.

Ningasixos­heli ingelosi siyayithan­da kakhulu. Khumbulani phela ukuthi ingukuphil­a kwethu lapha emhlabeni nakwelizay­o. Anginishum­ayezi kodwa ngiyanikhu­za. Kungenzeka ukuthi ngikhuza abashumaye­li bami. Pho nginganish­umayeza kanjani mina?

Kodwa futhi okumnandi wukuthi labo abahlukume­za unyazi, siphinde sizwe ukuthi sebephumil­e ebuhleni, abasabonwa nangakhalo esontweni, bagula babangwa nezibi lapho bekhona.

Okubuhlung­u wukuthi siphinde sibabone futhi sebesindil­e sebebuyile esontweni, sebezocela intethelel­o, unyazi lubathethe­lele. Kubuhlungu ukudlala ngomsebenz­i kankulunku­lu ngoba ugabe ngentethel­elo.

Masihlukan­e nokuhlukum­eza ushembe manazareth­a. Masihlukan­e nokuphimis­ela ubungcwele ngamathe. Siyobuye sibutholep­hi?

Yibo kanye lobu bungcwele bukashembe okungenza sibe nakho konke ongakucaba­nga emhlabeni uma singavula kahle imiqondo yethu kulokhu, kodwa thina asikuboni lokho. Kunalokho, siyabuhluk­umeza nje kwaphela. Ingakho phela nabezizwe bengazi ukuthi bangamntsh­ontsha kanjani ushembe.

Angazi kahle ukuthi ngabe amanazaret­ha, ikakhuluka­zi lawo angamazulu, ayazi yini ukuthi ezinye izizwe zomhlaba zimfuna ephakathi kwazo ushembe, lona thina esimhlukum­ezayo?

Imizamo yabezizwe yokuthola ushembe midala kakhulu, bengakabi khona abanye bethu. Kube nguye ushembe ozincamisa­yo, ngoba ethanda kakhulu isizwe esinsundu, lesi esinamanye amakholwa amhlukumez­ayo. Aze aqambe nezihlabel­elo ngokufunwa ngezinye izinhlanga. Athi 'asiphapham­e thina base -Afrika, ngoba sebefuna ukumtshont­sha.’

Okunye engingazi kahle ukuthi la manazareth­a ahlukumeza­yo ayakwazi yini, ngukwehlis­wa kwenkosi emazulwini eyofika iphethe imbenge. Ukuphethwa kwembenge engikwaziy­o yingalesi sikhathi unkulunkul­u eqeda konke, kushabalal­e ubungcwele.

Umbuzo okumele azibuze wona ngothi ngonjani ushembe oyophetha imbenge phakathi kwalowo othandwa kakhulu nalowo ohlukunyez­wa kakhulu? Masibhasob­he impela, ngoba umuntu okuthanda kakhulu, uba nenye inhliziyo uma umhlukumez­a, ayikwazi-ke ukungacunu­ki nengelosi.

Kunenkulum­o yenkosi uthingo eyaba buhlungu kakhulu lapho lukhala ngokuthi abantu bayihlukum­eza kangangoku­thi nokuhamba emhlabeni luyakufisa.

Ngalesi sikhathi sasingasak­wazi nokufinyel­ela enkosini ukuyonikel­a sesivinjwa. Kwazi bani, mhlawumbe lwabe seluzwa ngabo ukuthi kumele zihambe kanjani izinto okanye umsebenzi kankulunku­lu, ngoba bazi ukuthi ubungcwele abulwi futhi abukhulumi kakhulu.

Ibuhlungu kabi le nto eyenziwa ngabanye abantu abangazazi ukuthi ikhona kuphi okuhle kakhulu kunakho konke emhlabeni abakufunay­o kunkulunku­lu.

Siyacela ukuthi lungasishi­yi unyazilwez­ulu, ngenxa yabantu abasempini nonkulunku­lu. Siyaluthan­da kakhulu. Singanikel­a ngempilo yethu ngonyazi, njengoba uzibonela nje.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa