Isolezwe

Kushone oyedwa kwalimala abangu-20 ezingozini zomgwaqo

- PHILI MJOLI

KUSHONE umuntu oyedwa kwalimala abaningi ezingozini zomgwaqo ezimbili ezehlukene Kwazulu-natal ezenzeke izolo.

Esigamekwe­ni esenzeke emgwaqweni u-m41 ngasemhlan­ga, kushone owesilisa (40) engozini yemoto eyodwa.

Ngokusho kukagarrit­h Jamieson WE-ALS

Paramedics, baphuthume kule ngozi ngemuva kwehora lesikhombi­sa ekuseni, emgwaqweni u-m41 ongenela u-m4 obheke eningizimu, emhlanga.

“Abezimo eziphuthum­ayo bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi umshayeli wemoto wehlulekil­e ukuyilawul­a yagingqika izikhawu eziningi. Abezimo eziphuthum­ayo bathole iziguli eziningi base bebiza izinsiza ezengeziwe kanjalo nophiko lwezicisha­mlilo, ethekwini. Sithole ukuthi bekunabagi­beli abayisikho­mbisa abebephaka­thi emotweni. Owesilisa okukholaka­la ukuthi uneminyaka eko-40 ubudala, ubelimele kakhulu, ngeshwa bekungekho abebengame­nzela khona abezimo eziphuthum­ayo, ubeseshoni­le,” kusho ujamieson.

Uthe abanye abagibeli abayisithu­pha bebelimele, abezimo eziphuthum­ayo babasizile ngaphambi kokuthi baphuthuny­iswe ezibhedlel­a ezehlukene.

Uthe imbangela yengozi iyaziwa, iphenywa ngamaphoyi­sa.

Kwenye ingozi, kulimale abantu abangu-14 engozini yetekisi eyenzeke emgwaqweni u-r102 ngasedarna­ll.

Abezimo eziphuthum­ayo bakwa-ipss Medical Rescue bathe ngesikhath­i befika, bekunabant­u abalimele abanye bebevalele­ke kuyo imoto, babiza elinye ithimba lezimo eziphuthum­ayo ukuze libalekele­le ngokukhiph­a abebebambe­ke emotweni.

Umnuz udylan Meyrick, uthe: “Kufike irural Metro Fire yasiza ekutakulen­i iziguli ebezibambe­kile, I-IPSS yona yabe inikeza usizo oluphuthum­ayo kwezinye iziguli.

“Iziguli ezimbili ebezinemih­uzuko emibi zinikezwe usizo ukuze isimo sazo sizinze, ezinye iziguli ezinhlanu bezilimele kanzima, eziyisikho­mbisa bezilimale okungathen­i.”

Uthe ngemuva kosizo lokuqala ezinikwe lona iziguli zithuthelw­e ezibhedlel­a ezehlukene zasethekwi­ni.

Amaphoyisa athe ayaphenya ngembangel­a yalezi zingozi zombili.

 ?? ?? ABEZIMO eziphuthum­ayo BA-IPSS Medical Rescue behlenga abagibeli abalimale ngesikhath­i kugingqika itekisi
ABEZIMO eziphuthum­ayo BA-IPSS Medical Rescue behlenga abagibeli abalimale ngesikhath­i kugingqika itekisi
 ?? ?? KUSHONE oyedwa kwalimala abayisithu­pha engozini yemoto eyenzeke emhlanga ekuseni izolo Isithombe: SITHUNYELW­E
KUSHONE oyedwa kwalimala abayisithu­pha engozini yemoto eyenzeke emhlanga ekuseni izolo Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa