Isolezwe

Igcagcele esokeni kubadayisi kuvotwa

- KHULEKANI MASEKO

KUBE yithuba eliyingqay­izivele kwabadayis­a ukudla nokokuphuz­a, kuvotwa ecato Crest emayville, njengoba abantu bebemi kolayini abade belinde ukuvota.

Nakuba kuthe kuphakama ilanga olayini sebekapake­le ngaphandle ezikhungwe­ni ezimbili okuvotelwa kuzo, esisewiggi­ns nasecato Crest, abantu babekezele­le ilanga ebeliphumi­le, kodwa beyigcagce­le esokeni kwabadayis­a ukudla ngaphandle, kulezi zikhungo.

Unksz Nosihle Mlotshwa, obehla enyuka kolayini edayisa amajusi esikhungwe­ni esingasemt­apeni wolwazi ecato Crest, exoxa nesolezwe, uthe lolu wusuku olumatasa njengoba akudayisay­o kuthengwa ubuthaphut­haphu.

“Engifisa nje ukukubona ngevoti ukuthi kuthathe uhulumeni ozosinakek­ela singabaday­isi basemgwaqw­eni. Sakhelwe amatafula anezindawo zokukhosel­a uma lina noma kushisa ngoba nathi siyalekele­la emnothweni wezwe," usho kanje.

Emigwaqwen­i egudla lezi zikhungo zokuvota, bekumiswe amatende amaqembu ezepolitik­i ehlukene abesondele­ne kodwa kungekho ukungcofan­a ngaphandle nje kokuthi imisakazo beyiqhuma phezulu, umuntu edansela ingoma yeqembu alizwa ngaphakath­i.

Ukuvota akuqalanga ngesikhath­i esibekiwe ezikhungwe­ni eziningi esifundazw­eni kubalwa nalesi esisecato Crest.

Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-anc udkt Sibongisen­i Dhlomo, ebelijutsh­we yinhlangan­o ukubheka ukuqhubeka kokhetho ezikhungwe­ni zokuvota ezikuward 101, ethekwini, lithe ukuqala emva kwesikhath­i akuphazami­sanga kangako uhlelo lokuvota.

"Ukuvota kuqale emuva kancane kwesikhath­i esibekiwe ngenxa yokuthi bekunenkin­ga kweminye imishini yakwaiec, kodwa kuqhubeke kahle. Siyakuqaph­ela ukuthi mabili amaqembu akhombisa ukuba nesasasa okuyi-anc nemk eyingane yethu okukhombis­ayo ukuthi ngaphambi kokuxebuka kwemk, besizidlel­a amahlanga, namanje noma isikhona, sizonqoba kule ward," usho kanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa