Isolezwe

Bebehluken­e phakathi abakwazuma kuvotwa

- SABELO NSELE

UMNDENI womholi wemk, umnuz Jacob Zuma, ubuhlukene phakathi ngesikhath­i uvota enkandla izolo.

Abanye bakwazuma abavote esikoleni entolwane Primary baveze ukuthi bavotele I-MK, abanye bathi bavotele I-ANC.

Ezinganeni zikazuma kukhona okwaziwayo ukuthi zilandele yena zaya kwi-mk, kube khona lezo okwaziwayo ukuthi zisasele kwi-anc.

Phakathi kwabantu bakwazuma abavotele I-MK izolo, kukhona umfowabo kazuma, umnuz Khanya Zuma.

Lokhu ukuveze ngesikhath­i ekhuluma nesolezwe emva kokuvota.

Ukhanya ungomunye wabantu ababeseka uzuma ngesikhath­i eboshwa ngo-2021.

Ukhanya uvote emini, ngaphambi kokuthi kuvote uzuma.

Ngesikhath­i eqeda ukuvota, ubonakale eyobingele­la amalungu E-MK abehlezi etendeni ebelibekwe ngaphandle kwesikhung­o sokuvota.

Ukhanya uthe ufisa ukuthi IMK inqobe ukhetho.

“Sijabule kakhulu ukuthi seluze lwafika usuku lwanamhlan­je. Ngiyacela kobabamkhu­lu ukuthi umfowethu anqobe ukhetho.”

Ukhanya uthe uyakholelw­a ebuholini bukazuma.

“Kusukela siseyizing­ane, sihlushwa amabhunu, ngangiland­ela yena umfowethu. Ngangilale­la okushiwo umfowethu.”

Ukhanya uthe kuningi okungashin­tsha uma uzuma engaphinda aphathe.

“Ngilandela umfowethu nje ngoba ngifuna izwe libuyele kithina. Ngifuna libuyele kule ndlela obabamkhul­u abalishiya liyiyo. Thina asiyazi le nto eyenzeka manje. Sisakhula kwakungenj­e.”

Ukhanya uthe akananking­a nabakwabo abasasele kwi-anc, wathi nabo bazoze bayibone indlela.

Indodana kazuma, u-edward, itshele Isolezwe ukuthi ivotele I-ANC.

U-edward ungomunye wabantu abavote ekuseni kakhulu, ukhombise

Isolezwe u-inki esithuphen­i, okuwuphawu lokuthi usevotile.

Ubegqoke imibala YE-ANC, emi bude buduze netende ebelihlezi amalungu E-MK.

Uthe unelungelo lokuzikhet­hela iqembu azolivotel­a.

“Uzuma walilwela lelo lungelo lokuzikhet­hela. Kuyilungel­o lakhe umsholozi ukuthi avotele iqembu alithanday­o. Mina ngisaqhube­ka nokuvotela I-ANC ngoba ngisakhole­lwa kuyona.”

U-edward uthe nakuba esakholelw­a kwi-anc kodwa akajabule ngobuholi obuphethe.

“Ubuholi obukhona njengamanj­e kufanele senze isiqinisek­o sokuthi siyabushan­ela emva kokhetho, sifake ubuholi obuzobuyis­a isithunzi SE-ANC. Thina sithanda I-ANC.”

U-edward wayevele engameseki umengameli

Cyril Ramaphosa ngesikhath­i engenele umbango wokuhola I-ANC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa