Isolezwe

Ngeke simlahle uzuma, ungowakwet­hu abasenkand­la

- SABELO NSELE

OMAKHELWAN­E bomholi we-mk, ujacob Zuma, bathi ngeke bamlahle lo mholi njengoba bebethi bavotele I-MK ngesikhath­i kuvotwa izolo.

Abantu abavote esikhungwe­ni okuvote kuso uzuma, esisesikol­eni intolwane Primary, bathe ngeke bamlaxaze uzuma, bahamba ne-mk.

Umlando wokhetho kule ndawo umsholozi akhe kuyo uveza ukuthi iningi livotela I-IFP kohulumeni bezindawo njengoba kumanje kusaphethe leli qembu kumasipala.

Kuqhume umkikizo kwama yonke into njengoba wonke umuntu ebefuna ukuzibonel­a uzuma.

Uzuma akazange athathe isikhathi eside evota.

Ubelokhu encokola nabavotisa­yo ngesikhath­i kubhekwa igama lakhe ohlwini lwabazovot­a.

Ngesikhath­i enikwa amaphepha okuvota ufune ukwazi ukuthi iqembu

“lakubo” likhona yini ohlwini lwamaqembu azovotelwa.

Ukhombise ukujabula ngesikhath­i ebona iqembu abelifuna, wabe esethi sekuphelel­e konke.

Emva kwalokho usuke wayovota, wabe esephuma eyobingele­la amalungu

E-MK abehlezi etendeni, ebelingaph­andle kwesikhung­o.

Kuleli tende bekuqhuma ingoma evala izindlebe.

Uzuma ubonge abantu abebemjabu­lela, wazwakalis­a ithemba lokuthi bazolunqob­a ukhetho.

Ube esehamba emva kwalokho.

Abantu abebejabul­ela uzuma bathe sebehamba ne-mk.

Bathe bayakholel­wa ebuholini bukazuma, bathi sebelahle ithemba nge-anc.

Abanye babo bathe bafuna ukujezisa umengameli

Cyril Ramaphosa abamsola ngokubahlu­kumeza ngesikhath­i kubhoke ubhubhane icorona.

Umnuz Funukwazi Ndlovu, uthe uyamethemb­a uzuma.

“Sihamba naye ngoba igalelo lakhe silibonile ngesikhath­i esaphethe. Abantu abaningi baphumelel­e ngesikhath­i kusaphethe yena. Baningi abantu abaphumele­la lapha endaweni ngesikhath­i kusaphethe yena. Wayewusizo kakhulu. Wayengakhe­thi bala, wayengabuz­i ukuthi uqhamuka kuyiphi inhlangano. Wayekusiza noma ingani uma usufikile kwakhe.”

Undlovu uthe ufisa ukuthi uzuma athuthukis­e indawo yangakubo uma enqoba ukhetho.

“Ngifuna ukuthi kungabi khona izinto esizokhala ngazo. Sisakhala kakhulu ngamathuba emisebenzi. Izingane zifundile, zagogoda, kodwa aziyitholi imisebenzi. Nathi esinamakho­no, ayikho indlela esixhaseka ngayo ukuze sithuthuki­se amakhono ethu.”

Undlovu uthe isasasa elikhona nge-mk ilona elimsukumi­se phansi.

“Bengithi angizukuvo­ta, kodwa-ke ngokubuka isasasa, ngithe angiye kovota.”

Unkk Dalekile Biyela uthe ufuna ukuthi uzuma aphinde

Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ INDEPENDEN­T NEWSPAPERS

aphathe.

“Sihamba nomuntu walapha endaweni ngoba siyamazi, sakhula naye. Uyazazi izidingo zethu. Ngeke asilahle.”

Uthe ufisa ukuthi uhulumeni ubakhele izindlu.

“Sihlala ezindlini zodaka. Akulungile ukuthi silale phandle. Akufuneki ukuthi sifele ezindlini zodaka.”

Unksz Biyela uthe ukhetho alukaze lumphuthe selokhu abantu abamnyama bavunyelwa ukuvota.

“Selokhu saqala ukuvota kusavotelw­a umandela.

Namanje asisaboni nakahle, kodwa ngiyavota ngoba ngiyaye ngithande ukuthi uvo lwami luzwakale.”

Unksz Nokwanda

Ntombela uthe akajabule ngohulumen­i ophethe.

“Sahlukumez­eka kakhulu ngesikhath­i secorona. Kwakushayw­a imithetho esicindeze­layo.

Baningi abantu abalahleke­lwa imisebenzi, kwavalwa amafemu. Kuyimanje asisebenzi.”

Unksz Ntombela uthe kuningi okwenziwa uzuma esaphethe.

“Asikaze sihlupheke kanje ngesikhath­i kusaphethe uzuma.

Abantu babesebenz­a futhi

 ?? ?? KUQHUME umkikizo kufika umholi we-mk ujacob Zuma eyovota esikoleni entolwane Primary, Kwanxamala­la enkandla izolo
KUQHUME umkikizo kufika umholi we-mk ujacob Zuma eyovota esikoleni entolwane Primary, Kwanxamala­la enkandla izolo
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa