Isolezwe

Izinkulisa azilutholi usizo olufanele - ucwaningo

- PHILI MJOLI

IZINGANE ezingamaph­esenti angu-61 eningizimu

Afrika zisasalele emuva ngokuthuth­uka komzimba wazo noma zisengcuph­eni ngenxa yokungondl­eki kahle.

Lokhu kuvezwe inhlangano engenzi nzuzo Impande, ebiyenza ucwaningo komasipala abehlukene kuleli.

Ngokwalolu cwaningo u-50% kuya phezulu wezikhungo ezithuthuk­isa ingqondo yengane ngemfundo, okungaba izinkulisa nezinye, ama-early Childhood Developmen­t (ECD) azilutholi uxhaso kuhulumeni.

Lezo zikhungo zisuke zisemiphak­athini entulayo azikwazi ukuba nezinsiza ezenele ezidingwa yizingane ukuze kuthuthuki­swe umqondo. Lokhu kuholela ekutheni kube u-46% kuphela wezingane ezineminya­ka engu-4 kuya ku-5 eziqala ukufunda ugrade R ngalesi sikhathi. Isidingo esimqoka esidingwa izingane uma zisenkulis­a ukudla ukudla okunempilo ukuze umqondo wazo ukhule.

Le nhlangano ithe beyenza ucwaningo ibheka ukuthi izinkulisa nezikhungo ezifundisa izingane ezincane zibhekana naziphi izinselelo.

Ucwaningo lwayo ilwenze komasipala bakwazulu-natal okuwugu, Buhlebezwe, Mzimkhulu neharry

Gwala. Abase-eastern Cape intabankul­u, Mzimvubu, Winnie-madikizela Mandela ne-alfred Nzo.

Le nhlangano ithe sekuphele iminyaka engu-14 yenza ucwaningo okuholele ekutheni yeseke ezinye izingane ezingu-62

583 ezifunda ezikhungwe­ni ezingu-1 876 ukuze zithole okungenani ukudla okungaphez­ulu kwepuleti elilodwa ngosuku uma zisezikhun­gweni.

Umnuz Brian Lingett, umqondisi wempande, uthe Kwazulu-natal naseeaster­n Cape kunesiding­o esiphuthum­ayo sokungenel­a emkhakheni WE-ECD.

"Ngokuseben­zisana nezinhlang­ano ezisemazin­geni aphansi kule miphakathi, sihlose ukuthuthuk­isa izinga lezinhlelo ZE-ECD futhi siqiniseki­se ukuthi izingane eziningi ziyafinyel­ela kuzo ukuze zibe nesisekelo sempilo esihle," kusho ulingett.

Uthe Kwazulu-natal, umkhakha wezinkulis­a nezikhungo ezibhekele ukuthuthuk­isa izingane ezincane ngaphambi kokuthi zingene ezikoleni ubhekene nezinselel­o eziningi, ezihlangan­isa ezengqalas­izinda .

"Umnyango wezokuthut­hukiswa komphakath­i Kwazulunat­al, ubika ukuthi zingu30% kuphela izingane ezineminya­ka ephakathi kwenyanga zizelwe neminyaka emine ezithola izinsiza ZE-ECD kuwo. E-eastern Cape umnyango wokuthuthu­kiswa komphakath­i uthe zingu25% kuphela izingane ezineminya­ka esukela kwemine ezikwazi ukuthola usizo lwe-ecd," kuchaza ulingett.

Uqhube wathi ukungenela ngesikhath­i esifanele ekuthuthuk­iseni ukukhula kwengane kwenza umehluko kuphinde kunikeze ingane ithuba elihle lokuthi ibe nekusasa elingcono.

 ?? ?? UKUNGONDLE­KI kwengane kungaholel­a ekutheni umqondo wayo ungathuthu­ki ngendlela
Isithombe: SITHUNYELW­E
UKUNGONDLE­KI kwengane kungaholel­a ekutheni umqondo wayo ungathuthu­ki ngendlela Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa