Isolezwe

Lubuyela enkantolo olwamalung­elo kacaster

- XOLILE MPISANE

LUZOKWETHU­LWA phambi kwenxanxat­hela yamajaji kusukela ngolwesith­athu, estrasbour­g, efrance udaba lokuxhasha­zwa kwamalunge­lo omgijimi waseningiz­imu Afrika ucaster Semenya.

Ngonovemba nyakenye, inkantolo yase-europe yamalungel­o abantu yadalula usuku lapho ikomiti elakhiwe ngamajaji angu-17, i-grand Chamber, ezolalela ngalo leli cala kulandela isikhalo sikahulume­ni waseswitze­rland ngesinqumo esakhishwa yile nkantolo ngonyaka odlule.

Ngojulayi nyakenye le nkantolo yakhipha isinqumo sokuthi amalungelo kasemenya awahlonish­wanga ngenxa yemithetho eyabekwa yiworld Athletics ngo-2019.

Le mithetho ivimbela abesifazan­e abanezinga eliphezulu le-testostero­ne ngokwemvel­o ukuthi bangenele imiqhudelw­ano yayo ngaphandle uma beyinciphi­sa ngemishang­uzo emizimbeni yabo.

Usemenya, owanqoba igolide ebangeni lika-800m kwabesifaz­ane kuma-olympic ango-2012 nango-2016, wabuye wathola nezindondo ezintathu zegolide emjahweni ofanayo kumaworld Championsh­ips, waqala ukuphikisa­na nale mithetho enkantolo yezemidlal­o, i-court of Arbitratio­n for Sport (CAS) elausanne, eswitzerla­nd, kepha isinqumo sangamvuna.

Waqhubekel­a phambili waya enkantolo ephakeme yaseswitze­rland, nayo eyakhipha isinqumo esimphikis­ayo. Kuze kwamhambel­a kahle ngesikhath­i amajaji amane kwayisikho­mbisa enkantolo yase-europe yamalungel­o abantu ekhipha isinqumo esimvunayo nyakenye.

La majaji athi udaba lwakhe alulalelwa­nga ngendlela efanele ezinkantol­o zaseswitze­rland.

Yize kwaphuma lesi sinqumo kodwa iworld Athletics yasheshe yakhombisa ukuthi ayinanhlos­o yokubuyeke­za indlela eyalusinga­tha ngayo udaba lukasemeny­a nabanye abasesimwe­ni esifana nesakhe.

Kunalokho yakhipha isitatimen­de iqinisekis­a ukuthi ngeke iyishintsh­e imithetho yayo.

Kuzobonaka­la ukuthi lesi sinqumo esizokhish­wa yigrand Chamber sizophinde simvune yini usemenya, nokuthi zizokwazi yini izinhlanga­no ezilwela amalungelo abantu ukufaka ingcindezi enkulu kwiworld Athletics ukuthi ichibiyele imithetho yayo.

Lo mthetho uthi abesifazan­e mabehlise i-testostero­ne emizimbeni yabo ibe ngaphansi kuka-2.5 nmol/l.

Ngofebhuwa­ri nonyaka usemenya wacela ukunikelel­wa imali yokubhekan­a nezindleko zabanye babameli abamsizayo kuleli cala.

Ngokusho kwabammeli bakhe abazinze kuleli, inorton Rose and Fullbright, kudingeka imali engaphezul­u kuka-r3 million ukukhokhel­a abameli baphesheya okuyibona abanegunya lokuvela ezinkantol­o zakhona.

 ?? ?? LIYANGENA kusasa icala lokulalelw­a ukuxhashaz­wa kwamalunge­lelo oluthinta umgijimi wakuleli, ucaster Semenya Isithombe: BACKPAGEPI­X
LIYANGENA kusasa icala lokulalelw­a ukuxhashaz­wa kwamalunge­lelo oluthinta umgijimi wakuleli, ucaster Semenya Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa