Isolezwe

Ukodwa wenze izinguquko ezimbili ebhodini LEBSA

- SITHEMBISO MKHIZE

UNGQONGQOS­HE womnyango wezemidlal­o, uzizi Kodwa, wenze izinguquko ezimbili kuphela kumalungu ebhodi leboxing South Africa (BSA) elasusa umsindo ngasekuphe­leni konyaka odlule.

Ngonovemba 28 ukodwa wamemezela ukuthi ibhodi elisha lizokwakhi­wa usifiso Shongwe, Sakhiwo Sodo, Luxolo September, Romy Titus, Nande Mheshe, Princess Nongoma nomarry Sitata. Kwakumele lingene ehhovisi ngodisemba 12.

Nokho alikwazang­a ngenxa yokuthi inhlangano yophromoth­a bakuleli, inational Profession­al Boxing Promoters Associatio­n (NPBPA), eholwa u-ayanda Matiti, yanikela enkantolo ikhala ngokuthi ukodwa nethimba lakhe abawulande­langa umthethosi­sekelo beqoka amalungu amasha.

Lolu daba luqhubeke izinyanga enkantolo. Nokho ngesonto eledlule ukodwa uhlangane nezinhlaka ezehlukene zesibhakel­a ukuthola isixazulul­o sale nkinga ebibaphili­sa kanzima abalo mdlalo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi INPBPA ibingafuni nokuthi kuqhubeke ukuhlelwa kwemiqhude­lwano yesibhakel­a kuze kube kuxazululw­a le nkinga.

Kuneyenziw­e ngenkani, eminye yagcina ibhuntshil­e.

Ngalo isonto eledlule kuphinde kwangezwa ngamagama ayisikhomb­isa ebhodini lokuqala ebeliphiki­swa.

Izolo ukodwa ugcine ekuqedile ukuqagela. Kwebeliphi­kiswa ukhiphe umarry Sitata noprincess Mangoma kuphela. Ezikhundle­ni zabo kungene udkt Koketso

Tsebe noluvuyo Precious

Bayeni. Njengoba ukodwa wayememeze­le nangonyaka odlule, ushongwe usazoqhube­ka nokuba usihlalo waleli bhodi elingene ehhovisi ngalo ulwesibili.

Lizophuma ngosuku olufanayo, ngo-2027. Ukodwa ubonge wanconcoza kumandla Ntlanganis­o obebambe izintambo lingakaqok­wa ibhodi.

"Ngithanda ukugqugquz­ela ibhodi elisha ukuthi liqhamuke namaqhinga amasha azothuthuk­isa lo mdlalo aphinde ahehe abatshalim­ali kwibsa. Lesi yisikhathi sokuthi zonke izinhlaka zalo mdlalo, kusukela kumabhokis­a, izimenenja, abaqeqeshi,nophromoth­a babeke ukungezwan­i eceleni. Ngicela bonke abantu bakuleli babuyele emahholo bayobuka isibhakela. Ngibonga kakhulu kumandla Ntlanganis­o ngokuyibam­ba ishisa kade kusenezink­inga ngebhodi," kubeka ukodwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa