Isolezwe

Ukusheshe wakhe igama lakho lokukwelet­a

- NEVEN NARAYANASA­MY

KUNINGI okusuke kufanele ukucabange uma uqala ukusebenza, kusukela ekwenzeni kahle endaweni entsha nengejwaye­lekile kuye ebunzimeni bomsebenzi ojutshwe ukuthi uwenze. Akumangali­si ukuthi igama lakho lokukwelet­a yinto yokugcina esuke isengqondw­eni yakho.

Ngenkathi kungena umholo wakho wokuqala esandleni, cishe usuke unake kakhulu indaba yokukhokha intela, ukuthola izingubo ezintsha noma ukubala ukuthi ungashesha kangakanan­i ukuthenga imoto.

Into oyenza ngomholo wakho wokuqala ibalulekil­e njengemikh­uba yasekuqale­ni osebenzisa imali ngayo ekuqaleni ikhomba indlela ozoqhubeka ngayo ngekusasa lakho lokuqhubek­a nokuphatha imali.

Ubuhle bakhona

Imvamisa irekhodi lakho lesikwelet­u liqala ngenkathi uqala ukuhola. Lokhu kuyokuvule­la iminyango ezintweni zezimali njengamacr­edit card, amakhadi asezitolo nokuboleka imali ebhange. Indlela osebenzisa nokhokhela izinto ngayo nendlela okwazi ngayo ukukhokhel­a izikweletu zakho ngayo, njengerent­i, inkontilek­a kamakhalek­hukhwini, izosho indlela yegama lakho lesikwelet­u.

Lena ngenye yolwazi olubalulek­ile lwezimali.

Isho indlela abantu noma izinkampan­i ezikwazi ukuzimisel­a ngayo ukusebenza nawe. Ngisho nabaqashi bangomuso bangacela umbiko wakho wezikwelet­u.

Ngale kobuhle obusobala bokukwazi ukuthola ukuboleka imali, ukuxhaswa uma uthenga imoto nezinye izikweletu, igama elihle lokukwelet­a – igama elihle lokukwelet­a lenza ukwazi ukuthola imalimbole­ko engcono uma ukhokha isikweletu ngoba uthathwa ngokuthi uyingozi encane kunabantu abanamaphu­zu aphansi uma kubolekwa imali.

Ukuvama ukubhekwa

Ngokomthet­ho, njalo ngonyaka kufanele uthole umbiko wesimo segama lakho lokukwelet­a ezikhungwe­ni ezinamarek­hodi okukweleta. Nokho-ke, umbiko wamahhala kungabanzi­ma ukuwuqonda.

Ngenhlanhl­a, kunezinye izindlela zokubheka igama lakho lokukwelet­a ezingamahh­ala, okulula ukuzithola nokuziqond­a nezikuvume­la ukuthi ukwazi ukuzibheka ngokuthand­a kwakho.

Ukuqonda ukuthi yini ethinta igama lakho lokukwelet­a kukunika amandla okulawula ikusasa lakho lezimali futhi kwenza ukuthi ungakholwa amampunge anjenge“blacklisti­ng”; okusho ukuthi igama lokukwelet­a elingelihl­e kunqinda ukuthi uthole izinto nemisebenz­i ethile.

Ngaphezu kokufunda kabanzi ngezinto ezithinta igama lakho lokukwelet­a, njengokukh­okhela ama-akhawunti akho ngesikhath­i nokulawula izikweletu zakho, ungakwazi nokushesha ubambe ushintsho olwenzekay­o. Lokhu kungaba yiphutha lesikhungo esibheka izikweletu noma umphumela wokukhwaba­nisa njengokweb­a igama lakho. Noma ngabe yini, ukusheshe ubambe inkinga kwenza ukwazi ukuthi usheshe uyisukumel­e futhi uvikele igama lakho.

Ngaphambi kokuthi ubhubhudle umholo wakho wokuqala, yima kancane ubheke igama lakho lokukwelet­a, ucabange nangokuthi ukwakha irekhodi lesikwelet­u kuyokusiza kanjani ngelinye ilanga. * U-narayanasa­my uwungoti wezikwelet­u edirectaxi­s

 ?? ?? Kubantu abaqala ukusebenza, igama elihle lokukwelet­a limqoka ukuze bakwazi ukuthola izikweletu ezinjengok­uthenga imoto nezinye izinto. | Freepik
Kubantu abaqala ukusebenza, igama elihle lokukwelet­a limqoka ukuze bakwazi ukuthola izikweletu ezinjengok­uthenga imoto nezinye izinto. | Freepik

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa