Isolezwe

Amathuba ngemva kokuqeda isikole

- PETER KRIEL

NJENGOBA iqoqo lango2023 liqala uhambo olusha selingasek­ho esikoleni, iqoqo lango-2024 lilungisel­ela ukwenzenja­lo ngonyaka ozayo, abantu abasha abaningi banethuba lokukhetha indlela okufanele bayibambe futhi babhekene nezinselel­o ezishayisa ngovalo.

Laba bantu abasha asebeqede isikole banezinto eziningi abangazikh­etha, ngayinye eyokhomba futhi ibumbe ikusasa labo.

Ukuqonda ngokuphele­le izindlela ezivame ukuthathwa ngabantu abasha nezinselel­o zazo kungasiza ukubelulek­a uma bekhetha.

Imfundo ephakeme

Enye yezinto ezivamile nezimnandi kubantu abasanda kuqeda isikole wukuyofund­a imfundo ephakeme. Izikhungo zemfundo ephakeme, ezikahulum­eni nezizimele, yisango lokukhula ngolwazi nendlela yokuzithut­hukisa nokukhulis­a ingqondo yakho.

Isitifiket­i semfundo ephakeme sikubeka emathubeni angcono okuthola umsebenzi; njengoba abaqashi bevame ukuthanda abantu abanezitif­iketi namakhono kwemikhakh­a ethile. Nokho izikhungo zemfundo ephakeme azinazo izitifiket­i ezifanayo, ngakho kumqoka ukuthi umbono ngekusasa lakho uhambisane nesikhungo semfundo ephakeme esingakusi­za ukuthi ufeze lelo phupho.

Ukuqeqeshe­lwa amakhono ezandla

Elinye ithuba kubantu abaqede isikole ukuthi bayofundel­e umsebenzi wamakhono ezandla.

Esikhathin­i lapho abantu sebazisa kakhulu ubumqoka bamakhono omsebenzi wezandla, ukuqeqeshe­lwa amakhono omsebenzi wezandla ngenye yezinto abangazenz­a ukuqhubeka nemfundo.

Abantu abaqede isikole bangenza izifundo ezibahlomi­sa ngamakhono emisebenzi ethile ukwandisa amathuba okuqashwa ezimbonini ezihlukene. Nakuba imisebenzi eminingi idinga iziqu zasenyuves­i kodwa ikhona imisebenzi emnandi engenziwa ngokuqeqes­hwa ezikhungwe­ni eziqeqesha ngamakhono emisebenzi yezandla.

Ukuqala ibhizinisi

Abanye abantu abaqede isikole kusegazini ukubanebhi­zinisi kanti bakhetha ukuqala amabhizini­si abo. Ukushintsh­a ngokushesh­a kwendima yamabhizin­isi kwenza kube yisikhathi esihle kubantu abanombono wokuzicabe­la indlela kuwona. Ukusungula ibhizinisi kunika abantu abaqede isikole ithuba lokwenza into entsha, ukuzithuth­ukisa nokubeka induku ebandla.

Nokho, amabhizini­si anezinsele­lo zawo njengokung­abinemali njalo, umphumela wokungabin­amava kasomabhiz­inisi nombango nezimbangi.

Ukungena kulo mkhakha kudinga ukuzimisel­a, ukushintsh­a nothando lokufunda empumelelw­eni nasebunzim­eni. Abantu abaqede isikole abakhetha le Ndlela kufanele bazilungis­elele ukubhekana nobungozi nobumandi bamabhizin­isi.

Ukuqala ukusebenza

Abanye abantu abasha babhekana nezinselel­o zamandla noma zemali okuqhuba imfundo yabo noma ukuqala ibhizinisi. Kubantu abasha abaningi lokhu kusho ukuqala ukusebenza uma beqeda isikole.

Ngeshwa uma sibheka izinga lokungaseb­enzi kwabantu eningizimu Afrika, laba bantu babhekana nomqansa wokuqashwa uma beyoqala ukusebenza.

Sikhuthaza abantu abasha ukuthi benza konke okusemandl­eni ukuqhubeka nokufunda, bandies amakhono abo ngokubheka izifundo zesikhathi esifishane noma izifundo ezi-online. Lokhu kuzokhombi­sa abaqashi ukuthi uzimisele ngomsebenz­i nekusasa kanti kungakuvul­ela amathuba ngomuso.

Amathuba aphesheya

Ukuthwasel­a umsebenzi phesheya, ukufunda phesheya nokungaseb­enzeli ehhovisi kwenza abantu abasha bafunde ngamanye amasiko nezindawo zokusebenz­a.

Nokho, amathuba okusebenza phesheya anezinsele­lo zawo, njengokuhl­ukana ngamasiko, ulimi olusha nezindleko zokuhamba. * U-kriel uyimenja jikelele e-the IIE

 ?? ?? Ukuqeqeshe­lwa amakhono emisebenzi yezandla kungahlomi­sa abantu abaqede isikole ngamakhono adingeka emsebenzin­i, okungandis­a amathuba okuqashwa kwabo. | Freepik
Ukuqeqeshe­lwa amakhono emisebenzi yezandla kungahlomi­sa abantu abaqede isikole ngamakhono adingeka emsebenzin­i, okungandis­a amathuba okuqashwa kwabo. | Freepik

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa