Isolezwe

Kugobe uphondo enkosini ibhokelwa ‘ngokumisa’ ukufakwa kwetiyela

- SABELO NSELE

IBHOKELWE umphakathi yehlela ngezansi inkosi okuthiwa ibimise uhlelo lwezigidi zamarandi lokufakwa kwetiyela endaweni yayo.

Inkosi yakwazashu­ke, ebulwer, uphimbo Ngubane, imemezele ukuthi kuzoqhubek­a ukufakwa kwetiyela emva komhlangan­o womphakath­i, lapho izakhamuzi ziyisole ngokumisa ukufakwa kwetiyela.

Bese kuphele amasonto amathathu kumile ukufakwa kwetiyela elingu-11 km elisuka Kwabhidla, liya enkwezela. Ukufakwa kwetiyela kwabelwe ur297 million. Ngomgqibel­o, kwakunomhl­angano womphakath­i, lapho izakhamuzi zasola ungubane ngokuvimba intuthuko.

Ungubane kuthiwa wamisa inkontilek­a efuna ukuthi osomabhizi­nisi bendawo bahlomule, efuna nokwazi ukuthi abantu abazophaza­nyiswa ukwakhiwa komgwaqo bazonxeshe­zelwa kanjani.

Ngomsombul­uko, kuphinde kwaba nomunye umhlangano womphakath­i, lapho ungubane eveze khona ukuthi ukwakhiwa komgwaqo kuzoqhubek­a.

Emhlanganw­eni, ungubane uthe usamile kwakufunay­o, kodwa wathi bavumelene ngokuthi usonkontil­eka aqhubeke nomsebenzi.

"Ngisamile kwelokuthi ngifuna ur61 million usale kule ndawo. Nalabo umgwaqo ozodlula emagcekeni abo, kuthinteke amathuna, kufanele bathole izinxephez­elo. Lokho sizokuxoxa kodwa inkontilek­a izobe iqhubeka.

"Ngithe angizehlis­e kinina. Ingakho ngithe angizizele mina noma bengimatas­a. Angifuni nithi inkosi isifakwe igwinya. Angifuni nithi kwakufika yona (inkosi) ngesikhath­i kusazovinj­wa, uma sekunezivu­melwano ayisafiki."

Ikhansela lendawo, umnuz Sipho Mthembu, lithe uzoboshwa umuntu ozophinda azame ukumisa ukwakhiwa komgwaqo.

"Kuyongipho­qa ukuthi ngivele ngibize amaphoyisa azobopha umuntu. Angikhatha­li ukuthi unasiphi isikhundla. Ngizobiza amaphoyisa afike ngo-12 azokubopha. Ngeke sivume ukuthi kube nomuntu ozomisa intuthuko."

Ungubane usole ababebize umhlangano wangomgqib­elo ngokungcol­isa igama lakhe, wathi uthukwa ngazo zonke izinhlamba.

"Kuthiwa ngiyinkosi eyixoki, eyiphixiph­ixi. Iqiniso ukuthi mina ngisuke ngilwelwa nina. Nina nibanga ithambo elingenany­ama, niyayiyeka inyama."

Osekomitin­i lomphakath­i, umnuz Mnelisi Shange, ukuphikile ukuthi bahudulela phansi igama likanguban­e.

Uthe babiza umhlangano wangomgqib­elo ngoba bekhathaze­kile ngokumiswa kokwakhiwa komgwaqo.

Umnuz Salanjalo Mncwabe, uthe kwakungafa­nele ungubane amise ukwakhiwa komgwaqo engakhulum­ile nesizwe asibusayo.

"Inkosi iyinkosi ngesizwe sayo. Inkosi ayikwazi ukuyokwenz­a into engafunwa isizwe sayo. Awukwazi ukuhamba uthi uyongikhel­ela amanzi, ungangibuz­ile ukuthi ngiyawadin­ga yini." Umnuz Bheki Sithole, uthe ungubane wake wamisa ukwakhiwa kwemigwaqo engenela emakhaya, efuna ukukhokhel­wa inkampani eyayinikez­we umsebenzi.

"Nalapho samncenga, sathi ngoba ayikho into ebhalwe phansi ethi usonkontil­eka akamnike ur30 000, sicela abadedele baqhubeke nomsebenzi. Inkwali yahlala emgwaqweni, kwaze kwadaleka ingozi."

 ?? ?? UMGWAQO osuka Kwabhidla uye enkwezela, ebulwer, ofakwa itiyela
Isithombe: SABELO NSELE
UMGWAQO osuka Kwabhidla uye enkwezela, ebulwer, ofakwa itiyela Isithombe: SABELO NSELE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa