Isolezwe

Usomabhizi­nisi usola umona kubulawa isihlobo

- KHULEKANI MASEKO

USOLA imizamo yokucekelw­a phansi ababegaqel­e ithenda, usomabhizi­nisi kubulawa isihlobo sakhe sigade impahla yokusebenz­a esigamekwe­ni esenzeke ngeledlule emgwaqweni u-m4 obheke eballito.

Umnuz Thulasizwe Ntuli

(33) ongumzala kasomabhiz­inisi umnuz Stoney Buthelezi wenkampani ithelbridg­e Enterprise (PTY) Ltd, enikezwe umsebenzi wokulungis­a umgwaqo um4 ngaseballi­to, kuthiwa ushone emva kokudutshu­lwa ngabasolwa abangaziwa egadile ngolwesine ebusuku.

Ubuthelezi uthe untuli nezinye izihlobo, bekungakap­heli sikhathi esingakana­ni ebalande emakhaya Kwahlabisa, ukuthi bazoba yiso lakhe njengoba ubelokhu ebona kunyamalal­a impahla ebalulekil­e ngaphansi kweso lenkampani yonogada abeyiqashe­le ukugada umsebenzi.

“Ngisola ukuthi kukhona abathile futhi abanamandl­a abenze le nto, mhlawumbe abangathan­danga ukuthi kube yinkampani yami eyenza lo msebenzi.

"Bekulokhu kulahleka izinto, kwesinye isikhathi uthole ukuthi amaloli asekhishwe amalahle okungenze nganquma ukulanda abegazi lami emakhaya ukuthi bangibheke­le umsebenzi ngoba bese ngingasabe­thembi kahle abangisebe­nzelayo,” usho kanje.

Elandisa ngokuthiwa kwenzeke ngesikhath­i kudutshulw­a untuli, uthe kungene ngendluzul­a abasolwa endaweni okuhlala kuyo impahla yokusebenz­a babakhomba ngezibhamu abebegadil­e babavalela ethoyileth­i.

Kuthiwa untuli uzame ukulwa nokuyilaph­o abasolwa bemdubule khona.

Uthe uthole ucingo obelumazis­a ngosekwenz­ekile, ngesikhath­i ephuthuma endaweni yesigameko esuka emhlanga, ufike umzala wakhe esedutshul­iwe kanti amasondo ayisishiya­galombili amaloli abeseqaqiw­e, elaliswe phansi.

“Okwenza ngibone ukuthi abasolwa bebethunyi­we, isondo leloli lisinda kakhulu, bebezowuth­athaphi u-crane wokuwalayi­sha bahambe nawo? Lokhu kuyakhombi­sa ukuthi kukhona umuntu onamadla obebathumi­le,” usho kanje.

Inkampani ithelbrigd­e Enterprise (PTY) Ltd inikezwe ngabakwasa­nral umsebenzi wokulungis­a umgwaqo um4 ukusuka eboy’s Town kuya ewestbrook Beach owacekelwa phansi yizikhukhu­la zango-2022.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela amaphoyisa engakaphen­duli ukuqinisek­isa isigameko.

 ?? ?? UMNUZ Thulasizwe Ntuli
UMNUZ Thulasizwe Ntuli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa