Isolezwe

Kuningi okonakele emnyangwen­i wezolimo EKZN

- Sifisosakh­e Duma EMADLANZIN­I

MHLELI: Ngizophawu­la njengesakh­amuzi esesimnkan­tshubomvu kwezolimo futhi esesidlule kohulumeni abane, okungowama­ngisi, amabhunu owezabelo nowentando yabantu.

Kuyajabhis­a futhi kuletha amahloni ukubona uhulumeni wentando yabantu ezolimo zifa ziphela ekubeni kubusa yena. Kwakumele uhulumeni wabantu ubeke ezolimo eqhulwini ngesikhath­i uthatha umbuso emabhunwin­i.

Akekho ongazi ukuthi amabhunu ngesikhath­i ethatha umbuso emangisini into ayibeka phezulu ngezolimo, nembala amapulazi athe chithi saka, amabhunu akhuthaza ukulima nokufuya.

Nasezikole­ni kusukela emabangeni aphansi kuya phezulu kwakugxili­swa ezolimo ezinganeni ngisho emfundweni ephakeme amabhunu, ayethatha izifundo zezolimo njengomong­o wezemfundo.

Ibhunu lalingaphe­lele uma lingenazo iziqu zezolimo ngoba ezolimo yizona ezingumgog­odla wezizwe, womnotho, wamathuba emisebenzi nokulwa nendlala nezifo nokukhutha­za ukusebenza - okuncike ekuzisizen­i ukuzimela nokuzenzel­a.

Umnyango wezolimo nokuthuthu­kiswa kwezindawo ubonakala uhluleka ukuqhuba ezolimo ngendlela elusizo kubalimi nasemphaka­thini.

Okuxakayo wukuthi lo mnyango unalo lonke uhlobo oludingeka­yo lwabaseben­zi abaqeqeshi­we nabaholelw­ayo kodwa ezolimo nokufuya zifile, amasimu alele.

Lo mnyango awuphethwe ngendlela yokulima nokufuya kepha uphethwe ngobupolit­iki laphaya ecedara, ungathi yigatsha LE-ANC.

Kunezinhla­ka ongazi ukuthi zenzani. Kunezisebe­nzi ezizihlale­le ezizinakel­e amapulazi namabhizin­isi azo.

Nazi izinto ezibulala umnyango wezolimo nokuthuthu­kiswa kwezindawo zasemakhay­a:

■ Uphiko lwezokuthu­thukiswa kwezindawo namabhizin­isi ezolimo

– akubonakal­i elikwenzay­o selokhu kwasuka abebekuhul­umeni kazwelonke ophikweni lwezokubuy­iselwa komhlaba.

■ Izikhulu, abaphathi nabeluleki abasenalo uhlelo lokufundis­a abantu ngezolimo, uhlelo lokwalulek­a lufile kodwa kunabantu abasecedar­a abaqashiwe okumele ngabe bayaluland­ela.

Kufanele basebenzis­ane nezifunda, babheke ukuthi lwenza okuyikho yini. Lufe esifundazw­eni nakuzwelon­ke uhlelo, alukwazi ukweluleka nokufundis­a abalimi okuyiwona mongo womnyango.

■ Kufakwa imali ezinhlelwe­ni eziningi kodwa azichumi ngenxa yokubulawa kohlelo lokwelulek­a.

■ Abeluleki emazingeni aphansi sebaphelel­wa wuthando ngenxa yokungasek­wa.

Umlimi emphakathi­ni, kuqala ubeyinoni. Leli noni ulibulele ukhongolos­e nobuholi bakhe.

■ Amaholo abalimi – yebo baxhasiwe ngezimoto kodwa ngesikhath­i kwenziwa ama-osd akuzange kube nobulungis­wa, kwazuza abelungu bomnyango abangenasi­zo kubalimi ikakhulu abamnyama.

Ososayensi abathile abamnyama kwake kwavela isiphakami­so sokuthi baphucwe ama-osd kulo mnyango.

Okuxakayo ukuthi bakhona abangazang­e bangene ohlelweni lwamaosd, yize benza umsebenzi ofanayo futhi beneziqu ngokufana.

Awukho umehluko otheni phakathi komeluleki wesifunda nosemphaka­thini. Nomthelela wososayens­i ezifundeni awubonakal­i.

Kumele kube nezinhlaka ezizobheke­la lo mnyango ezisecelen­i, ezixube umnyango nezinhlang­ano ezizimele ezizobheka ukuthi ezolimo esifundazw­eni zenza okuyikho yini.

Nenkohlaka­lo lena enukayo kulo mnyango iyophela ngaleso sikhathi. Bheka nje izinhlelo zezimbuzi, kwafakwa izigidi kuzona kodwa zafa zonke, yadliwa imali.

Inhloko yomnyango ekhona njengamanj­e yakhetha ukuma eceleni ngesikhath­i kwenziwa lolu hlelo ngoba yayisola.

Yaze yaxwayisa abaqondisi ngengozi yokuphatha uhlelo lwezimbuzi olwalungah­ambi kahle kusaphethe umphathisw­a umthembu, owayezitha­tha njengomunt­u olwa nenkohlaka­lo kanti usika amantshont­sho ngapha.

Ogandagand­a – kuyishwa ukuthi umnyango obaluleke kanje ungabi nabo ogandagand­a bokusiza abalimi.

Lesi simo senza ukuthi abalimi bangalimi ngesikhath­i kusathunga­thwa ogandagand­a.

Kuqala ogandagand­a babetholak­ala emnyangwen­i, kuba lula ukulima. Manje umnyango uhlehlile kubantu uhambela kude, uza kubalimi ngoba ubahehela ukhetho. Ngemuva kokhetho bazolahlwa le kude okwenyongo yenyathi

Nakhu esikucela kumphathis­wa usuper Zuma womnyango wezolimo ukuba akusukumel­e, akulungise:

■ Ukuhlela ukusebenza komnyango wakhe kube okubhekela izidingo zabalimi.

■ Ukunyusa izinga lokuxhuman­a - ukweseka, ukuhlela nokubambis­ana nabalimi kukho konke okwenziway­o.

Abalimi babe yingxenye yomnyango ukuze ezolimo zithuthuke ngokuyikho. Okwamanje umnyango uyanhlanhl­atha, usehlathin­i elimnyama.

■ Ukuvuselel­a imibukiso - imibukiso yayikhutha­za ezolimo namabhizin­isi ezolimo, kudaleke amathuba emisebenzi.

■ Imincintis­wano yabesifaza­ne kwezolimo - ake aphenye umphathisw­a ukuthi kungani isivalekil­e imiklomelo, kungani ingasenziw­a ekubeni abesifazan­e bemqoka kwezolimo?

■ Ukuvuselel­a isiko lokulima nokufuya ezindaweni ezisemakha­ya nasemadolo­bheni.

■ Ukuhlela kabusha ukusebenza kwabalimi, kumanje abalimi basebenza amaphepha hhayi inhlabathi.

Mphathiswa uzuma ake ulungise umnyango wakho, akuhambi kahle kuwona kuningi okonakele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa