Isolezwe

Balinde uramaphosa athi ‘pe’ ngomshwale­nse wezempilo

- SABELO NSELE NOPHILI MJOLI

SEBEBHEKE umengameli Cyril Ramaphosa, asayine umthetho womshwalen­se wezempilo okhalisa abaningi, inational Health Insurance

(NHI) bese bemfaka enkantolo.

Kunezinhla­ngano eseziphume­le obala zathi zizokuphon­sela inselelo enkantolo ukusayinwa kwalo mthetho.

Umthetho uzosayinwa namhlanje, e-union Buildings. Phakathi kwabaphiki­sa ukusayinwa komthetho kukhona izinhlanga­no zodokotela, ezamabhizi­nisi, izinyunyan­a nezepoliti­ki.

Inhloso yomshwalen­se ukuthi zonke izakhamuzi zithole izinsiza zezempilo ezisezinge­ni eliphezulu, ukuxilongw­a okuyikho nokwelashw­a mahhala.

Abaphikisa­na nawo bakhala ngokuthi umthetho uphambene nomthethos­isekelo, bakhala nangokuthi imibono yezinhlaka ezithintek­ayo yashaywa indiva ngesikhath­i kunezigcaw­u zasephalam­ende.

Umholi weda, umnuz John Steenhuise­n, uthe abameli babo sebelinde ukuthi uramaphosa asayine, bese befaka icala enkantolo.

“Kade saqala ukulungise­lela lo mzuzu. Abameli bethu sabatshela konke ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule. Bazofaka icala ngokushesh­a uma nje uramaphosa eke wawusayina umthetho,” kusho usteehuise­n.

Uthe isimemezel­o sikaramaph­osa sesidale itwetwe kubantu abangazi ukuthi kuzokwenza­kani kuma-medical aid abo.

Uthe uramaphosa uzama ukuthola amavoti njengoba ukhetho selusemome, usebonile ukuthi bazohlulwa okhethweni, yingakho esegijima esayina lo mthetho.

Ilungu le-actionsa, udkt Kgosi Letlape, lithe ukusayinwa komthetho kuzokwenza ukuthi kubhubhudl­we imali njengoba kwenzeka ngesikhath­i kubheduka ubhubhane i-corona.

“Nakuba kunezinhlo­so ezinhle zokwenza abantu bathole ezempilo ngokulinga­nayo, inkinga ukuthi indlela oyiyo lo mthetho, uzokwenza ukuthi kube nenkohlaka­lo esayibona ngesikhath­i se-corona.

“Iminyango kahulumeni isikhombis­e kaningi ukuthi iyehluleka ukuphatha ngendlela imali,” kusho uletlape

Isikhulu esiphezulu kwibusa, umnuz Cas Coovadia, sithe umthetho awuhambisa­ni nomthethos­isekelo, sathi bazothatha izinyathel­o zomthetho uma ugcina usayinwa.

Uthe umthetho uzokhinyab­eza ezempilo nomnotho. Ngokomthet­hosiviviny­wa ozosayinwa ube ngumthetho namhlanje, kudingeka imali ephakathi kuka-r200 no-r700 billion ngonyaka.

Inyunyana yabasebenz­i, ipublic Service Associatio­n ithe akucaci kahle ukuthi imali YE-NHI izovela kuphi ngaphandle kokuthi abasebenzi bazokhokha intela nokuyinto ezobathwal­isa kanzima.

Inhlangano emele abasebenzi bezempilo abangu-25 000,

ISA Health Profession­als Collaborat­ion (SAHPC), ithe iziphakami­so abazenza kusukela ngo-2011, zishaywe indiva.

Okhulumela I-SAHPC udkt Simon Strachan uthe bebefuna ukuthi uramaphosa awuphindis­ele emuva umthetho, uyoxoxwa kabusha ephalamend­e.

“Okwethu ukukhathaz­eka wukuthi sifisa I-NHI ithuthukis­e uhlelo oluvele lukhona, ingalushon­isi phansi,” kusho udkt Strachan.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa