Isolezwe

Ezokuvakas­ha ziza namathuba emisebenzi Kwazulu-natal

- BONISWA MOHALE

UZODALA amathuba emisebenzi engaphezu kuka-3 000 umkhakha wezokuvaka­sha Kwazulu-natal njengoba kunenqwaba yezinhlelo zengqalasi­zinda ka-r9.4 billion.

Lezi zindaba zivezwe wungqongqo­she wezempilo Kwazulu-natal, unksz Nomagugu Simelane obekhulume­la ungqongqos­he wezokuthut­hukiswa komnotho, ezokuvakas­ha nemvelo Kwazulu-natal, umnuz Siboniso Duma emcimbini wokuvula i-africa’s Travel Indaba ne-tourism Kwazulunat­al.

Uthe inkampani edumile yezokuvaka­sha iclub Med Resort izokwakha indawo yezivakash­i etinley Manor, bese kwakhiwa kahle ibabanango Game Reserve kube nendawo yomdlali wegalofu u-ernie Else ezoba sezimbali nezinye.

“Lezi zinhlelo zikhombisa ngokusobal­a ukuthi ikwazulu-natal iheha abatshaliz­imali okusho ukuthi ikulungele ukwamukela nabanuye abaningi.

“Sizimisele ukusebenzi­sana nosomabhiz­inisi ukuthuthuk­isa isifundazw­e sethu.

“Kuyimanje sidinga umuntu ozokwakha indawo esezingeni yezivakash­i ezoba sesimangal­iso Wetland Park ngoba sizimisele ukuthi umkhakha wezokuvaka­sha udale amathuba emisebenzi,” kusho unksz Simelane.

Uthe ezokuvakas­ha zibaluleki­le ngoba zidala amathuba emisebenzi nalapho kungekho khona izimboni.

Umnuz Olivier Perillat oyisikhulu esiphezulu seclub Med Resort, uthe indawo yabo ezoba setinley Manor izovulwa ngojulayi ka-2026.

Uveze ukuthi batshale ur2 billion kanti izodala amathuba emisebenzi eyi-1 200 ngesikhath­i yakhiwa, abe wu-800 uma isisebenza bese kwakheka namanye awu-1500 azovela kweminye imikhakha encike kule ndawo.

Izobe inezindawo zezivakash­i ezigudle ulwandle kanti abayihambe­layo bazobuye bahanjiswe eziqiwini beyobona izilwane zasendle nemvelo.

Uphethe ngokuthi maningi amathuba ezinkampan­i zokuvakash­a azoba khona, wacela osomabhizi­nisi bakuleli ukuba basondele kubona ukuze basebenzis­ane.

 ?? Isithombe:tkzn ?? UNGQONGQOS­HE wezempilo, unksz Nomagugu Simelane ogqoke ishethi elinombala omhlophe nomnyama nephini lemeya unksz Zandile Myeni bathathwe lapha nabatshali­zimali abazofukul­a umkhakha wezokuvaka­sha Kwazulu-natal
Isithombe:tkzn UNGQONGQOS­HE wezempilo, unksz Nomagugu Simelane ogqoke ishethi elinombala omhlophe nomnyama nephini lemeya unksz Zandile Myeni bathathwe lapha nabatshali­zimali abazofukul­a umkhakha wezokuvaka­sha Kwazulu-natal

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa