Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 – Apr 19

UMSEBENZI wezandla yiwo okulungele futhi ongakukhok­hela imali ethe xaxa. Khipha bonke ubuciko nekhono onakho uzivivinye.

TAURUS: Apr 20 – May 20

SESIZE safika futhi isikhathi sokuthi uzuze ezifisweni zakho. Unamandla athe xaxa okucubungu­lisisa izinto, ngokuthamb­ela imizwa nemicabang­o. Lokhu kukulungis­elele ukuzuza nakakhulu kwezomnoth­o.

GEMINI: May 21 – Jun 20

VUMELA uzwelo onalo lwemvelo luzenzakal­ele ngendlela odalwe ngayo. Ukuziveza kwakho kwezobucik­o kuzogqama kakhulu kulokho osukuqalil­e, uzothola inzuzo enkulu kokwenzayo ikakhulu uma uziphilisa ngemiseben­zi yezandla.

CANCER: Jun 21 – Jul 22

UMA njengamanj­e ulandela lokho ophokophel­ele ukufika kukho, akukho mgoqo ongakuvimb­ela ukwenza lokho. Inkinga ozobhekana nayo ukuthi kumele ufunde ukubekezel­a. Jabula futhi uzethembe kodwa futhi uzilawule.

LEO: Jul 23 – Aug 22

UZOQHUBA kahle emsebenzin­i uma wenza kahle kumbe ukwazi ukuhlaziya uguqule kahle umqondo wakho, ukwazi ukubhekana nezikhathi ezinzima. Uzofuna ukwaba imali yomndeni wakho kumbe ulungise okuthize okungalung­ile ekhaya.

VIRGO: Aug 23 – Sep 22

GCWALISA impilo yakho ngemiseben­zi ehlukene enamathuba okuzuza. Ungumuntu ophiwe nonethalen­te ngakho lenze ukuba kube yilona eliyisisek­elo sekusasa lakho.

Yenza lokhu kube sobala kubantu abanokuqhu­bezela phambili izifiso zakho.

LIBRA: Sep 23 – Oct 22

KHUMBULA ukuthi likhulu igxathu okumele ulithathe empilweni yakho. Ziqinise ngokuvusel­ela ukuzethemb­a ngephupho lakho. Khombisa umhlaba ukuthi uligugu futhi unethalent­e. Ungazibale­keli izinselelo, zenze zibe ngamathuba.

SCORPIO: Oct 23 – Nov 21

KUMELE ucabange ngokucwani­nga kumbe ukususa into phansi ikakhuluka­zi ethinta ezobunjini­yela - kube yinto ehambisana nezinto zokwenziwa ngezandla ezincike kwezesayen­si. Ungenza lukhulu ngokusabal­alisa umqondo wakho.

SAGITTARIU­S: Nov 22-Dec 21

KUFANELE ungasishay­i indiva isexwayiso sokuba ngowokugci­na ukulahla okudala njengoba umhlaba uguquka nje, hlala njalo usekhaleni lezinto ezenzekayo. Zikholise ngezinto ezisanda kusungulwa, imibono emisha nezindlela ezintsha zokwenza.

CAPRICORN: Dec 22 – Jan 20

LABO abakuthath­a njengenzul­ulwazi sebefuna iziyalo nosizo lwakho. Imicabango yakho iyadingeka futhi isemgudwin­i omuhle nokwenza kwakho kuzonezele­la egameni lakho.

Izixazulul­o ziziqhants­hela kalula.

AQUARIUS: Jan 21 – Feb 18

YISIKHATHI sokuthi ugcwalise injabulo kuyo yonke imizwa yakho. Ngokomphef­umulo, okwengqond­o nangakomzi­mba uzothola isizathu sokwanelis­a izinkanuko izidingo nezinye izimfuno zakho. Kodwa kufanele konke okwenzayo kulawuleke.

PISCES: Feb 19 – Mar 20

ZIVIKELE kakhulu ngoba isithombe osivezayo njengamanj­e, sibaluleke kakhulu. Yiba neqiniso futhi uqiniseke ukuthi akunalo ungabazane ngokwethem­beka kwakho. Zuza ukuhlonish­wa njengesakh­amuzi esihloniph­a imithetho yezwe

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1993 ujacob “Baby Jake” Matlala, wawina isicoco somhlaba seworld Boxing Organisati­on.

Umatlala waqalwa nguyise esemncane emfundisa isibhakela waze wangena kwesikhokh­elayo ngo1979.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala utrevor Nyakane

(osesithomb­eni) ongumdlali we-rugby wakuleli. Wazalelwa ebushbuckr­idge, empumalang­a,

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa