Isolezwe

Bazocela izibusiso zomshado abashade imindeni ingazi

- NOKUBONGWA PHENYANE

ABESIFAZAN­E abathathu abanquma ukubopha ifindo likasofa silahlane imindeni yabo ingazi, bazohlanga­na nayo okokuqala ngenhloso yokucela izibusiso.

Lokhu kuzokwenze­ka ohlelweni isamukelen­i oluzoqala ukubonakal­a ngojulayi 17 kumzansi Magic (161).

Lolu hlelo lususelwa koluthi Forever Thina lapho ababefuna ukushada kodwa benezinkin­ga zemali babecela uxhaso lokuhlelel­wa umshado omncane.

Ekhuluma ngalo, u-irvin Pooe wemzansi Magic uthe laba abashadile babathathe kwabangu-13, ababonakal­e ohlelweni iforever Thina.

“Lolu hlelo luzoqhubek­a nokuveza ukuthi njengoba imindeni yabanye ingazi ukuthi bashada, abanye bashada ingekho, yini eyagcina yenzekile.

“Abanye babo bafuna ukulungise­la umgcagco ngakho-ke abafuni ukuze baphethe amalungise­lelo bengayazis­ile imindeni ngegxathu asebelitha­thile.

“Okuhlukile manje wukuthi sebefuna ukwenza umcimbi wabo sebesithol­ile isibusiso somndeni, kuchaza u-irvin.

Uthe ngaso sonke isikhathi izinhlelo zabo zixoxa izindaba abathemba ukuthi zizogcina ababukeli bethe njo kuzona futhi ezizoletha izinguquko ezintweni eziningi abantu ababhekana nazo.

“Izinkulumo ezazikhona ohlelweni olwedlule nemibuzo abaningi abasala nayo, siyathemba kukhona la bezophendu­leka khona.

“Kukhona imindeni eyabaduba abanye babo ngenxa yokuthi yayingaham­bisani nokuthi bayashada ekubeni zingekho izinhlelo eyayiyingx­enye yazo.

“Manje ababukeli ababheke ukuthi yini eyenzeka sekudlule konke kuze kube yimanje.

“Okumele sikubheke manje wukuthi ngabe imindeni izobemukel­a yini ngenxa yokuthi baqala izinto ingazi lutho,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi imindeni eminingi eyayikhala ngendlela izinto ezenzeke ngayo, yayiveza iphuzu lokuthi ilobolo likhokhwe kubani njengoba yona beyingazi lutho.

 ?? ?? UHLELO isamukele olumayelan­a nabashadil­e abazoya emindenini ukuyocela izibusiso zomshado abakuwo
Isithombe: SITHUNYELW­E
UHLELO isamukele olumayelan­a nabashadil­e abazoya emindenini ukuyocela izibusiso zomshado abakuwo Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa