Vikelani ifagugu nenkululeko eyatholakala kanzima
MHLELI: Umsebenzi omuhle owenziwe yiqembu elibusayo emphakathini wakithi uyazikhulumela. Ukhuluma noma lona lingakasho lutho.
Inkulumo eyabe ibhekiswe esizweni emva kombhedukazwe wecovid-19 kamengameli wezwe lethu yathi kuzofanele kuvuselelwe umnotho wezwe ngokukhulu ukushesha.
Ukuvuselelwa kwengqalasizinda kwamenyezelwa ngumengameli njengento eseqhulwini ukuze kudaleke amathuba emisebenzi eyashabalala ngenxa yecovid-19. Konke lokho sikubona ngamehlo iningizimu
Afrika yonke ubupetupetu, kwakhiwa imigwaqo.
Ngizwe omunye umholi weqembu thizeni etshela abantu ukuthi bangakhathazeki ngezibonelelo zikahulumeni basazozithola njengoba zinjalo noma sekuphethe iqembu lakhe.
Ngazibuza mina ngangayithola nempendulo ukuthi uma okwenziwe yiqembu elibusayo kukuhle futhi kukhankaswa ngakho ukuthi angeke kuqedwe. Pho ukhishelwani ukhongolose emandleni, bazoyivuma abantu leyo nto?
Ukuholwa kwezibonelelo zikahulumeni kufaka phakathi nor350 nami engiwuholayo njengoba ngingasebenzi ndawo nje, umbono nenqubo KA-ANC kuphela akusiyona inqubo yezwe.
Njalo asikhohliwe ukuthi amaqembu aphikisayo aseke aphumela obala ngokuqeda konke osekuzuzwe ngabantu baseningizimu Afrika, bekuzuza ngenxa yobukhona bukakhongolose kufaka phakathi nazo izibonelelo lezo.
Sisuke singahuqi bona ubuthongo uma nikhuluma nina bantu bamaqembu afuna ukusibuyisela emuva.
Kukunina-ke bantu baseningizimu Afrika. Nizofaka igiya eliya phambili noma eliya emuva, noma niyayimisa yonke into esizuziwe nohambo oseluhanjiwe iminyaka engu-30. Nibagade laba bantu abathi beza noshintsho.
Abazokunenzela lutho, bazomosha konke esenikuzuzile nenisazokuzuza. Nikhumbule alikho iqembu lezombusazwe elake lakhuluma ngezibonelelo zingakabi bikho.
Baqala ukwazi ngazo ngoba sezivezwe wukhongolose. Bumbanani nivikele ifagugulethu nenkululeko eyatholakala kanzima.
Nikhumbule ukuthi kunamaqhawe namaqhawekazi afa efela ukuthi sizuze lokhu esinakho namuhla. Kunezingane ezakhula zingenabo abazali, ezinye azibazi nokuthi baphelelaphi.
Kunezinsizwa zaseningizimu Afrika ezafa zingakaze ziqhakaze ukuze mina nawe sizuze lokhu esinakho namuhla. Yileso sizathu esenza I-ANC iqhamuke nezibonelelo ngenxa yokuqonda usizi lomuntu omnyama.