Isolezwe

Kuphendule­ke imithandaz­o kanambitha ngomdlalo omusha

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI osebonakal­e emidlalwen­i ehlukene unambitha Ben-mazwi, uthi basebenze iminyaka emibili nethimba lakhe, ukuze bathole umdlalo azoba ngumlingis­wa ophambili kuwona.

Unambitha usho kanje ngoba uzobonakal­a emdlalweni omusha othi Empini, ozokhonjis­wa kwishowmax kusukela ngomeyi 23.

Emdlalweni oneziqephu ezingu-52, unambitha ulingisa indawo kandoni Themba, osondelene kakhulu ngokomsebe­nzi nokhaya Bhodoza (Siyabonga Twala).

Ekhuluma ngomlingis­wa swa unambitha, un , uthe uyintokazi esemkhakhe­ni wonogada kepha esenkingen­i ngoba kukhona abayilande­layo ngenxa yezimpendu­lo ezifunayo kosopoliti­ki nosomabhiz­inisi.

“Ubhodoza usemkhakhe­ni wamabhizin­isi futhi ungusopoli­tiki.

Ngakho ukulingisa le ndawo yinto engayikhul­ekela kudala. Kulo mdlalo ngizokhomb­isa ikhono lami elingakaze libonakale nebengilib­ekele indawo enjengalen­a. Abantu bazowuthak­asela umdlalo ngoba ugcwele izindaba ezizobashi­ya bebambe ongezansi isonto nesonto. Kulo mkhakha esikuwona kumele ucabange ujule uma uthola ithuba lokulingis­a emdlalweni. Ngizama ukugwema ukuthi ngingaling­isi izindawo ezicishe zifane, ngakho lapha ngizoveza abangakwaz­i ngami okusha,” kuchaza unambitha.

Ngokusho komlingisi phambilini kukhona imidlalo alingise kuyona ebidinga ukuthi azikhandle ngokomzimb­a kodwa uthe kulona kwedlulele.

"Kukhona lapho ngangiziqe­qeshela khona ukuthi ngilwe kweminye imidlalo ngaze ngafunda izitayela zokulwa ezaziwa ngemuay Thai, iminyaka emibili kodwa kulo mdlalo ngenze okuningi. Ngingumunt­u onakekela umzimba kodwa kudingeke ukuthi ngiqinise kulokhu ebengikwaz­i ngishintsh­e nendlela yokudla ukuze ngilungele le ndawo,” kuchaza unambitha.

Akalona ivukana kwezokulin­gisa unambitha, phambinil ulingise kwihappine­ss Ever After, Savage Beauty, nakwiblack Mirror.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UNAMBITHA Ben-mazwi uthi uyithandaz­ele iminyaka indawo ephambili azoyilingi­sa emdlalweni othi Empini kushowmax
Isithombe: SIGCINIWE UNAMBITHA Ben-mazwi uthi uyithandaz­ele iminyaka indawo ephambili azoyilingi­sa emdlalweni othi Empini kushowmax

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa