Isolezwe

Owegallant­s akaliboni iqembu lakhe ligawulwa yizembe

- SITHEMBISO MKHIZE

USIHLALO wemarumo Gallants, u-abram Sello, ujabule ngokuvuka kweqembu lakhe ngoba imiphumela yakamuva isilisusil­e emsileni. Phambilini iqimebu belilengel­a wukugawulw­a yizembe kwimotsepe Foundation Championsh­ip.

Kulezi zinsuku iqembu laselimpop­o, liyaqhubek­a nokunikeza abalandeli balo ithemba lokuthi alehleli kwi-safa ABC Motsepe League. Ngempelaso­nto edlule libhaxabul­e Platinum City Rovers ngo-3-0. Kowandulel­a lowo mdlalo belishaye imaritzbur­g United.

Igallants beyiphuma ekudlaleni ngokulinga­na nemilford. Ukuthola imiphumela emihle kwakamuva kuyisusile endaweni yokugcina kwi-log yemotsepe Foundation, ebese ihlale kuyo isikhathi eside.

Nakuba lingakaphe­phi iqembu ezembeni kodwa izindaba ezilinika ithemba ukuthi selikweyes­i-14, ngamaphuzu awu-27, emidlalwen­i ewu-26.

Libambene nevenda Football Academy ekweyesi-15. Kweyokugci­na kunerovers, ngawu-24. Imarumo eteketiswa ngebahlaba­ne Ba Ntwa, yehlele kwimotsepe Foundation ekupheleni kwesizini edlule idliwa yizembe kwidstv Premiershi­p. Kwenzeke lokhu ekubeni ifinyelele kowandulel­a owamanqamu ecaf Confederat­ion Cup.

Usello ukhale ngezinking­a ezibahlase­le kule sizini, ngesikhath­i ebuzwa yiphephand­aba ngembangel­a yokungenzi kahle kweqembu lakhe.

"Okwamanje angikakabi sesimeni sokwenaba ngembangel­a yokungenzi kahle kule sizini. Sihlaselwe yizinkinga engizokwaz­i ukuxoxa ngazo uma kuphela isizini," kubeka usello.

Uthe yize benezinkin­ga kodwa abalubhadi kwiabc Motsepe. Kunalokho ubona benethuba lokuqeda emaqenjini ayisishiya­galombili aphezulu.

"Kuyajabuli­sa ukuthi siqala ukunqoba imidlalo ngesikhath­i esibucayi kanjena. Kule midlalo emine esisalele sizokwenza isiqinisek­o sokuthi siqeda kwitop 8. Lihle kakhulu ibhola esilidlala­yo. Okubalulek­ile ukuthi sivike izembe bese siqala ukulungise­lela isizini ezayo. Kuyo sizolwela ukubuyela esigabeni esikhulu," kusho usello.

Kusasa ngo-3 ntambama, igallants izobhekana nomkhaya bawo, iblack Leopards, elucas Masterpiec­e Moripe Stadium. Ilidoda Duvha ikweyesi-11, ngawu-33. Ngemuva kwalo mdlalo imarumo izosala ngowebarok­a, La Masia nowe-orbit College.

Imidlalo yemotsepe Foundation Championsh­ip yaleli sonto:

Namuhla-ngo-3 pm: Orbit v Lions (Olympia Park); Upington v Barok (Mxolisi Dicky Jacobs); Venda v Maritzburg (Thohoyando­u).

Kusasa -Ngo-3 pm: Rovers v Magesi (Isak Steyl); Milford v Casric (Princess Magogo); Tuks v JDR ( Tuks

Stadium); La Masia v Callies (Dobsonvill­e); Marumo v Leopards (Lucas Masterpiec­e).

 ?? ?? USIHLALO wemarumo Gallants, u-abram Sello, ujabulela ukubona iqembu lakhe libhukula ukuzikhiph­a endaweni embi yezembe kwimotsepe Foundation Championsh­ip
Isithombe: BACKPAGEPI­X
USIHLALO wemarumo Gallants, u-abram Sello, ujabulela ukubona iqembu lakhe libhukula ukuzikhiph­a endaweni embi yezembe kwimotsepe Foundation Championsh­ip Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa