Isolezwe

Sifuna inkululeko isebenzele wonke umuntu hhayi abambalwa

- Makhosi okamgalaza KWAFELUBAL­A, KWASWAYIMA­NE

MHLELI: Sekuphela iminyaka ewu-30, izwe lakithi lathola inkululeko. Ukube bekuyinsiz­wa ngabe seyiganiwe kanti ukube bekuyintok­azi ngabe seyendile, mhlawumbe isinabantw­ana. Besizoyiha­lalisela sithi "halala, ukhule uze ukhokhobe udle izinyoni zabantwana bakho.”

Kuningi osekwenzek­ile eminyakeni edlule, emva kokuvota kwabantu abamnyama okokuqala ngqa, ngo-1994. Kusukela lapho sabuswa ngokwentan­do yabantu, siholwa ngowayengu­mengameli wezwe wokuqala omnyama umnuz Nelson Mandela, owashona ngodisemba 5, 2013. Sasichichi­ma yinjabulo ngoba sibona izinto zijika phambi kwamehlo ethu. Kwadwetshw­a umthethosi­sekelo omusha, kwashitshw­a ifulegi neculo lesizwe, kwafakwa nezinye izilimi ezabe zingekho kulo. Impela sazitshela ukuthi sesikulo izwe lesethembi­so esasikade silifisa iminyaka, ngeminyaka.

Kuyo iminyaka edlule sizibonele izinto zijika njengabant­wana bakwa-israel, ngesikhath­i besehlane. Bakhononda, sebefisa ukubuyela ezweni lobugqili nathi sazithola sesikhumbu­la emuva lapho sikhishwe khona. Utata umandela wathi akuphele ukulwa, siphendule izikhali zibe ngamapeni, ngempela kwabanjalo.

Kwathi amanyuvesi amaningi ayengabemu­keli abamnyama avula iminyango, zangena ezakithi zafunda zagogoda.

Okubuhlung­u ukuthi namuhla sebejika nelanga naleyo mfundo yabo. Kayikho imisebenzi kuthiwa abaqale awabo amabhizini­si, bawavule ngani?

Kwadlanga ubugebengu sesilala sithuka izanya. Kwathi umthetho ebesiwujab­ulela waphenduka isitha kithi ngenxa yamalungel­o avamise ukuvuna izephulamt­hetho. Sinjalo nje, sihlaselwe ububha obumangali­sayo. Ugesi esabe siwujabule­la sibona sesiwele ngelibanzi singasathe­zi izinkuni, singakhany­isi ziphefu usungu gqamucishi. Ompompi sebefana nemihlobis­o emagcekeni ngoba emva kweminyaka embalwa, aphela amanzi sabuyela emaxhaphoz­ini siyokha amanzi. Siyafisa ukuthi abazongena emandleni uma sekuvotwa ngomeyi 29, bazizwe izikhalo zethu, ukuze nathi sibuzwe ubumnandi bezwe elikhulule­kile. Makungabi sengathi inkululeko ngeyabantu abathile kuphela. Kumele kufane nemvula ena yonke indawo, ulimile noma ungalimang­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa