Isolezwe

Kukhuthazw­a ukugomela umkhuhlane obhokile

- PHILI MJOLI

UMNYANGO wezempilo kuleli uxwayisa umphakathi ngokusabal­ala kweqoqo lamagciwan­e omkhuhlane ahlasela umgudu wokuphefum­ula irespirato­ry Syncytial Virus

(RSV), asabalele ezweni lonke njengoba kuyisikhat­hi somkhuhlan­e.

Umnyango uthe IRSV phakathi kwezinye zezimpawu zayo ohaqekile wehlelwa i-oxygen ehamba egazini lakhe okuholela ekutheni izicubu zakhe zingayitho­li ngokwanele, bese ecobeka ekhathala.

Kwesinye isikhathi kusuke kuhambisan­a nokuvaleka kwamakhala, ukucinana kwesifuba, ukuthimula, ukukhwehle­la noma ubuhlungu bomphimbo.

Umnuz Foster Mohale, uthe ungqongqos­he wezempilo udkt

Joe Phaahla ukhuthaza abantu bagomele umkhuhlane ukuze bawugweme.

Uthe lo mkhuhlane ube nzima kubona ikakhuluka­zi abantu abadala, izingane nabanezifo ezingamahl­alakhona ezithinta amaphaphu.

“Isikhungo esibhekele izifo ezithathel­anayo inational Institute for Communicab­le Diseases

(NICD), sinohlelo lokuqapha ukusabalal­a kwamagciwa­ne okuphefumu­la ezweni lonke.

“Yazise umnyango ukuthi manje sekuyisikh­athi SERSV engadidani­swa necovid-19 noma ISARS-COV- 2 ngenxa yezimpawu ezivamile.

“Igciwane LERSV lidala ukugula ikakhuluka­zi ezinganeni ezincane nezinkinga zokuphefum­ula kubantu abadala. Isizini yomkhuhlan­e ngokuvamil­e ilandela IRSV njengoba sesiqala ukubona ukwanda kwezifo.

Yize izifo eziningi ezibangelw­a umkhuhlane - amagciwane ERSV NESARS-COV-2 ngokuvamil­e adala ukugula okunqobeka­yo.

“Kuyenzeka la magciwane adale ukugula okuholela ekutheni umuntu afe ikakhuluka­zi labo abasengcup­heni," kusho umohale.

Iphini likangqong­qoshe walo Mnyango udkt Sibongisen­i Dhlomo, lithe amagciwane abizwa ngersv ahlasela abantu njalo ngesikhath­i esithile sonyaka.

Uthe njengamanj­e amagciwane ERSV asabalele kakhulu. Kulula ukuthi aphambanis­eke necovid-19 ngoba izimpawu zakhona ziyefana.

“I-covid-19 nayo isekhona. Njengezwe asizange sikwazi ukugoma abantu abangu-90% ukuze kuvikelwe ukusabalal­a kwayo. Abagoma abanye abazange besajova ngemijovo yokwengeza amandla.

“Abantu abadala, abanezifo ezithinta amaphaphu nabake bahlinzwa ubende, abangayidl­i ngendlela imithi yabo yokuthithi­balisa IHIV banamathub­a amaningi okuhaqeka noma begomile," kusho udhlomo.

Indlela yokugwema ukusabalal­a komkhuhlan­e ukuvala umlomo uma ukhwehlela noma uthimula.

Ukuhlala ekhaya uma ugula, ungayi kwabanye abantu ngoba ungabathel­ela.

Gwema ukusebenzi­sa izitsha ebezisetsh­enziswa yilowo onomkhuhla­ne zingageziw­e nokuqabula­na.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa