Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 – Apr 19

AKUSONA isikhathi esihle neze sokubhekan­a nezimbangi zakho, ikakhulu uma ungahlomil­e ngazo zonke izikhali. Uzokwazi ukuphunyuk­a kulesi sikhathi esinzima. Funda ukulinda. Liyeza elakho ithuba.

TAURUS: Apr 20 – May 20

UZOHLANGAB­EZANA nezinkinga uma kungukuthi kukhona obambisene naye ngakwezomn­otho. Ukubhekele­lwa komuntu oyedwa emalini yeqembu, kungadala izinkulumo noqhekeko futhi ngeke kube lula ukuthola isixazulul­o sakho.

GEMINI: May 21 – Jun 20

QAPHELA ungazithol­i ususolwa ngokwenza okubi ngoba uzojeza kakhulu. Yenza ucwaningo ngabantu abasha abayingxen­ye yempilo yakho ngaphambi kokubathat­ha njengabang­ani bakho. Akukho okufanele ukuthathe kancane.

CANCER: Jun 21 – Jul 22

ISINQUMO esizothath­wa ngumuntu sizoba nomthelela omubi ebhizinisi­ni lakho nasemseben­zini. Ukusebenza ngokuzikha­ndla bese uthola umvuzo ongakwanel­isi kwehlisa umdlandla, yenza izinhlelo ezintsha.

LEO: Jul 23 – Aug 22

IZINGA lakho lokuzethem­ba liphansi kakhulu ngalesi sikhathi. Uma kungukuthi lokhu kuyenzeka ngempela kungenxa yokuthi awunawo umdlandla futhi awukwazi ukusondela­na nabanye abantu. Zama izinhlelo ezizokugqu­gquzela.

VIRGO: Aug 23 – Sep 22

KUNGENZEKA izinto zingahambi ngendlela ohlele ngayo ikakhulu empilweni yakho yangasese. Kunezinhle­lo zakho ezizophaza­miseka ngenxa yenkinga ebalulekil­e, okuzodinge­ka ubhekane nayo. Kufanele uhlale ukulindele lokhu ukuze ukwazi ukuthatha izinyathel­o ezifanele.

LIBRA: Sep 23 – Oct 22

UZIMISELE kakhulu ngokuphume­lela kanti impumelelo yakho izokwakhel­a isithunzi esihle emphakathi­ni. Kungenzeka uzizwe unomona noma ukhathazek­ile kodwa ungayivume­li imicabango emibi, engaholela ekutheni uthathe izinyathel­o ezingafane­le.

SCORPIO: Oct 23 – Nov 21

KUNGENZEKA ubhekane nengwadla ngakwezomn­otho uma ubudedengu. Qinisekisa ukuthi zonke izinto uzenza ngendlela efanele emsebenzin­i wakho kulesi sikhathi. Kuningi impela okuzokonak­ala, ngakho hlala uqaphile.

SAGITTARIU­S: Nov 22 – Dec 21

ZIGCINE ziyimfihlo izinhlelo ukuze ugweme izinkinga ezingaphen­dukela ngakuwena.

Uma kukhona imizwa onayo, kubaluleki­le ukuba uyigcine iyimfihlo ungayiveze­li muntu okwesikhas­hana nje. Linda isikhathi esifanele ukuze ukwazi ukuveza uvo lwakho.

CAPRICORN: Dec 22 – Jan 19

KUKHONA okuzokupha­zamisa ezinhlelwe­ni zakho zasekhaya. Kungenzeka uthole omunye umsebenzi ngaphezu kwalo obhekene nawo kanti lokhu kuzokukhat­haza kakhulu ngakho ungakuvume­li. Izinkinga ezikukhung­ethe kulesi sikhathi zizoxazulu­leka kalula uma uzozisukum­ela ngokushesh­a.

AQUARIUS: Jan 20 – Feb 18

YIZE ubukhunget­hwe yizinkinga ezinzima kodwa awulilahla­nga ithemba lokuthi izinhloso namaphupho akho kusazofeze­ka. Impela kufanele ukusukumel­e futhi ukuthathe njengokuba­lulekile. Lincane kodwa ithemba onalo ngakho kumele uzame izinhlelo ezizonyusa amathemba futhi zikunikeze nomdlandla.

PISCES: Feb 19 – Mar 20

ZINAKEKELE ngaso sonke isikhathi ngoba uma kungenjalo uzogula. Kuningi okukukhath­azayo kulesi sikhathi. Lokhu kungaba nomthelela omubi emqondweni wakho. Zama ukunciphis­a ukucabanga kakhulu ugweme nezinto ezizokudal­ela ukhwantala­la.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1977, uhulumeni wakuleli wobandlulu­lo wavumela okokuqala izintathel­i ezingu-20 zakuleli, ezinhlanu zangaphand­le nabathwebu­li ababili ukuba bavakashel­e ejele, irobben Island. Yilapho okwakubosh­we khona izishoshov­u zabantu ababelwa nenqubo yobandlulu­lo.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi, sibala umanqoba Mngqithi

(osesithomb­eni) ongomunye wabaqeqesh­i bemamelodi Sundowns. Wazalelwa emzimkhulu, Kwazulu-natal, ngo-1971.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa