Isolezwe

Uhlanganis­e abalimi obebelulek­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a

- PHILI MJOLI

UZOBA nesithanga­mi sabalimi nabafuyi osezakhele udumo ngokwelule­ka abalimi ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Unksz Nokukhanya “Brahmanlad­y” Ngubo osebenza ehhovisi lezolimo kumasipala umhlathuze, uthe abalimi abamnyama abalimayo nabafuyile abanalo ulwazi lokuthi bangafinye­lela kanjani esigabeni esiphezulu esizokwenz­a ukuthi bazuze ngemikhiqi­zo yabo, okuyikho okwenze ukuthi ahlele isithangam­i sokucobele­lana kungabi esasemhlat­huze kube ngesabafuy­i baseningiz­imu Afrika bonke.

"Selokhu ngifikile kulo masipala ngibonile ukuthi abafuyi nabalimi bafuyile, abanye balimile kodwa kukhona ulwazi esishoda ngalo esidinga abantu abangongot­i nasebeyiha­mbile le ndlela.

“Ngibe sengithi angibabize ukuze singabalim­i sicebisane siphinde sizokhangi­sa ngemikhiqi­zo yethu. Kunemikhak­ha engajwayel­ekile efana nowokufuya izinyamaza­ne, ukutshala insangu, owokukhiqi­zwa kukawoyela owenziwa ngetea Tree nomsuzwane esisadinga ukuthi sifundisan­e siphinde selulekane ngawo.

“Insangu sekuvumele­kile ukuthi itshalwe kuleli kodwa kunemiciki­lisho eminingi abalimi abangayazi kanye nokwehluka kwayo. Ngifuna ukuthi abayitshal­ayo kube yibo abachazayo ukuthi benzenjani ukuze bafinyelel­e ezingeni lokukhiqiz­a imikhiqizo esidayisa emazweni aphesheya," kusho unksz Ngubo.

Uthe kunezinkom­o eziye zidayiswe ngemali eze ifinyelele kur400 000 iyinye ezindalini afuna ukuthi abafuyi bazi ukuthi zehluke ngani kwezinye, ama-stud okuyizinko­mo ezibhalisi­we.

Uthe kungokwesi­bili eba nesithanga­mi esifana nalesi ngoba efuna ukuthuthuk­isa abalimi abamnyama.

"Konke okuzodliwa emcimbini wethu yimikhiqiz­o yabalimi kusukela emifinweni kuya enyameni yenyamazan­e. Umklomelo wenkomazi yenguni emithi ezowinwa kuwo lo mcimbi.

“Ngingene kulo mkhakha ngingenalu­tho ngifuna ukukhuthaz­a enye intsha eswele imisebenzi njengamanj­e ukuthi ayisukume noma ingakaxhas­wa, ilandele thina.

“Kuyenzeka, mina senginalo ipulazi lami ngifuye izinkukhu, ngisaphemb­a izimbuzi.

“Baningi abanye abalimi abebehambe beqhuzuka ngoba iningi alizenzang­a izifundo zolimo elizositsh­ela ukuthi lenze kanjani,” kusho yena.

Unksz Ngubo ubejwayele ukuzishuth­a ejova izinkomo noma ezihlola ukuthi ziphile kahle yini, wagcina esenabantu abaningi abamshayel­a ucingo befuna ukuthi abasize ngolwazi lokunakeke­lwa kwemfuyo.

Lokhu ubekwenza ngoba ethanda ukuhlomisa abafuyi abasathuth­uka ngolwazi ukuze bangafelwa imfuyo.

Ukuchitha isikhathi esiningi ocingweni ekhuluma nabafuyi abehlukene kuholele ekutheni avule inkampani yakhe, ibrahmanla­dy

Consulting enamahhovi­si empangeni.

Ubuye akhiphe izeluleko ngezolimo kukhozi FM njalo ngolwesine.

Le ntokazi ineziqu ze-animal Science eyazithola e-university of Zululand. Ibuye isebenzisa­ne nomnikazi wepulazi ithabanyam­a elikhiqiza inyama ne-wors.

 ?? Isithombe: FACEBOOK: BRAHMANLAD­Y ?? UNKSZ Nokukhanya Brahmanlad­y Ngubo ephethe uwoyela womsuzwane netea Tree
UNKSZ Nokukhanya ‘Brahmanlad­y’ Ngubo ephethe izinyane lembuzi
Isithombe: BRAHMANLAD­Y
UNKSZ Nokukhanya ‘Brahmanlad­y’ Ngubo esiza omunye wabafuye izimbuzi
Isithombe: FACEBOOK/
BRAHMANLAD­Y
Isithombe: FACEBOOK: BRAHMANLAD­Y UNKSZ Nokukhanya Brahmanlad­y Ngubo ephethe uwoyela womsuzwane netea Tree UNKSZ Nokukhanya ‘Brahmanlad­y’ Ngubo ephethe izinyane lembuzi Isithombe: BRAHMANLAD­Y UNKSZ Nokukhanya ‘Brahmanlad­y’ Ngubo esiza omunye wabafuye izimbuzi Isithombe: FACEBOOK/ BRAHMANLAD­Y

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa