Makutholakale impilo epoly, hhayi ukufa
IYADUMAZA imibiko evela ngomtholampilo ipoly Kwamashu emva kokushona kwesiguli ngomsombuluko. Kuthiwa owesilisa oneminyaka engu41uphangalale emva kokunqatshelwa ngonogada ukungena egunjini labezimo eziphuthumayo ukuze athole usizo.
Kuvele nokuthi emasontweni amabili zine iziguli ezishone zingakasizwa yize bese zingaphakathi emtholampilo. Phezu kokuba lesi sikhungo sivula amahora angu-24 kepha kuthiwa asikwazi ukusiza izakhamuzi zikhathi zonke. Inkinga ikhonjwa esibalweni sabasebenzi esingenele. Kuthiwa kuyenzeka iziguli zihlale kulayini isikhathi esilinganiselwa emahoreni amahlanu.
Lena yinkinga esabalele izwelonke. U-82% wabantu baseningizimu Afrika ubhekene nale ngwadla yokungasebenzi ngokuyikho kohlelo lwezempilo. Kushoda odokotela, abahlengikazi nabanye abasebenzi kwezempilo. Iziguli zilahlekelwa yimpilo sezifikile emitholampilo ekubeni bezingahlengeka.
Eminye imitholampilo igcwala ngokweqile, abasebenzi bahluleke wukubhekana nomthamo weziguli. Kweminye kukhalwa ngabasebenzi abahudula izinyawo. Kokunye nemishanguzo ibuye ingatholakali.
Konke lokhu kuphambene nesigaba 27 somthethosisekelo esithi wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo lwezempilo futhi akekho okumele anqatshelwe ukwelashwa okuphuthumayo.
Umsebenzi wokwelashwa kweziguli ubucayi ngoba nxa ungenziwa kahle kulahleka impilo okanye kuyibeke engcupheni. Izinkinga ezibikwayo ziyinselelo kwabaphethe ukuba bahlele izinto kangcono. Siphonsela inselelo nezinyunyana zabasebenzi bezempilo ukuba zingafeli ngaphakathi kube konakala izinto.
Sinxusa nabasebenzi bezempilo jikelele ukuba kungaphumi izidumbu phambi kwabo belibele wukukhononda ngotavatava oludalwa wuhulumeni. Akuthi kuxoxwa ngezinkinga kepha abasebenzi bebe benza okusemandleni ukusiza iziguli.