Kushaqwe izidakamizwa zikar1.5 billion EKZN
AMAPHOYISA ashaqe izidakamizwa ezingabiza ur1.5 billion esifundazweni ikwazulunatal kusuka ngo-okthoba 2023.
Lokhu kudalulwe umkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, ugeneral Fannie Masemola ngesikhathi ehambele kulesi sifundazwe.
Umasemola ushayele ihlombe amaphoyisa ngokusebenza kanzima ekunqandeni ukungeniswa nokusatshalaliswa kwezidakamizwa eningizimu Afrika.
“Ezobunhloli zethu namaphoyisa bamatasa nomsebenzi wabo wokunqanda ukusatshalaliswa kwezidakamizwa kuleli.
”Sisebenza ngokubambisana nezinhlaka zezomthetho zakwamanye amazwe ekuhlakazeni amaqembu ezigelekeqe ashushumbisa izidakamizwa,” kusho umasemola.
Lo sigaxamabhande uthulele isigqoko amaphoyisa wathi uyabonakala umsebenzi awenzayo wokungaziniki thuba izigelekeqe.
Kamuva izinhlaka ezehlukene zezomthetho, ziholwa oklebe, zishaqe izidakamizwa okuyicocaine ezingabiza ur15 million.
Lezi zidakamizwa zishaqwe ngomsombuluko echwebeni laserichards Bay emkhunjini obuqhamuka ecolombia.
Umasemola uthe kusuka ngo-okthoba ngonyaka odlule, amaphoyisa Kwazulu-natal, ashaqe i-cocaine echwebeni lasethekwini nasedube Tradeport eseking Shaka International Airport.
Ngodisemba nyakenye amaphoyisa ashaqe izidakamizwa ezingabiza ur115 million echwebeni lasethekwini.
Uveze ukuthi ngomeyi
2023, kwethulwe umkhankaso i-operation Shanela okuliwa ngawo nezenzo zobelelesi, sekuboshwe abantu abangu-49
851.
Kulesi sibalo kuthiwa u-17
798 abantu ababoshelwe amacala okuhweba ngezidakamizwa.
Kuvele nokuthi isiteshi samaphoyisa sasedonnybrook, esiqala ukusetshenziswa ngo-2016, sidluliselwe ngokusemthethweni kumasemola ngolwesibili.
Lokhu kulandela ukuvulwa kwesiteshi samaphoyisa sasegamalakhe, eport
Shepstone wungqongqoshe wamaphoyisa umnuz Bheki Cele ngomsombuluko.
Umasemola uthe umbutho wamaphoyisa asebenza kanzima ekutheni kwakhiwe ezinye iziteshi kuleli ukuze kuqinisekiswe ukuthi umphakathi wonkana uyazithola izinsiza.
Njengamanje iningizimu Afrika ineziteshi zamaphoyisa ezingu-1 164 ezinikezela ngezinsiza kubantu abangalinganiselwa ku-62 million.