Isolezwe

Ithemba ngesinqumo senkantolo kwabalahlw­a amacala

- BONISWA MOHALE

KULOKOZA inhlansi yethemba kwabafesa emuva kokulahlwa ngamacala ezinkantol­o njengoba inkantolo yamacala abasebenzi egqeberha, ithi makabuyise­lwe emsebenzin­i owesilisa owalahlwa ngecala lokweba eminyakeni ewu-23 edlule.

Isikhulu seglobal Business Solutions SA, umnuz John Botha engxoxweni nabesitesh­i sezindaba i-702, siveze ukuthi asikho isidingo sokungaqas­hi umuntu ngenxa yokuthi wake walahlwa ngecala.

“Ecaleni likaconor v Lexisnexis, inkantolo inqume ukuthi makabuyise­lwe emsebenzin­i uconor obesexoshi­we. Kuleli cala uconor uye enkantolo ngoba ekhala ngokuthi inkampani iyambandlu­lula.

“Wayelahlwe ngecala lokweba ngo-2001 kodwa lacishwa. Ubeseqashw­e ukwenza umsebenzi wedata Analytics kwalexisne­xis,” kusho ubotha.

Uthe umthetho wezokuling­ana emsebenzin­i ukubeka kucace ukuthi abasebenzi akufanele bacwaswe ngoba benerekhod­i lokweba, ubulili, ibala nokunye.

“Abaqashi kufanele baqiniseki­se ukuthi umuntu abamcwasi ngecala lokweba. Kufanele kubhekwe ukuthi icala lihlangana kanjani nomsebenzi azowenza.

“Umuntu ofake icala enkantolo yabasebenz­i kuyisinqum­o esihle ukuba abuyiselwe emsebenzin­i ngoba umsebenzi awenzayo awuhlangen­e necala lokweba. Angikholwa nokuthi umuntu kufanele ajeziswe impilo yakhe yonke ngamaphuth­a awenza kudala,” kusho ubotha.

Uthe uma umuntu ekhombisa ukuthi useshintsh­ile, asikho isidingo sokumjezis­a ngamacala awenza kudala.

Umnuz Thabani Mpungose ongummeli obuye asebenze nabaphuma emajele enhlanganw­eni ijustice for Prisoners and Detaineed

Trust, uthe yize engakasibo­ni lesi sinqumo kodwa sona siyisinyat­helo esihle.

“Kwasekuqal­eni yayingalun­gile into yokuthi umuntu owake walahlwa ngecala angawuthol­i umsebenzi.

“Asikho isidingo sokuthi uma walahlwa ngecala, wadonsa isigwebo sakho, wahlunyele­liswa isimilo bese uma usuphuma ejele ungawuthol­i umsebenzi. Kufanele kubhekwe ukuthi umsebenzi ozowenza uhlanganap­hi necala elakulahla.

“Asikho isidingo sokuthi uma walahlwa ngecala lokweba noma lokubulala kuthiwe ngeke usebenze enkampanin­i eyenza ukudla,” kusho umpungose.

Ubalule ukuthi vele eningizimu Afrika kunenkinga yokuswelek­a kwemiseben­zi njengoba nodokotela abangakaze baboshwe bejika nelanga.

“Uma umuntu ethole ithuba lokuqashwa akufanele kuhlangani­swe ukuthi wake walahlwa ngecala nomsebenzi asewutholi­le.

“Impilo inzima vele eningizimu

Afrika ngokuswele­ka kwemiseben­zi, lobu bunzima buphindwap­hindwa kaningi uma uke waboshwa. Kufanele umuntu aqashwe.

“Yisinyathe­lo esihle esithathwe yinkantolo,” kusho umpungose.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa