Isolezwe

Abalinyazw­a izikhukhul­a sebelahle ithemba kwi-anc

- SABELO NSELE

Ayizikhukh­ula BAKHAHLANY­EZWA zango-2022, abasahlala ezakhiweni zesikhasha­na, bathi sebelilahl­ile ithemba kwi-anc.

Banxuse amaqembu angenele ukhetho Kwazulu-natal ukuba abakhiphe ezindaweni zesikhasha­na abahleli kuzo.

Lokhu bakusho ngesikhath­i kunenkulum­o-mpikiswano yamaqembu angenele ukhetho Kwazulunat­al ebihlelwe iziko lezindaba elinguzakw­abo wesolezwe, I-IOL.

Owakhahlam­ezwa yizikhukhu­la, unksz Sibongile Mkhize, utshele abebehambe­le inkulumo-mpikiswano ebisemhlan­ga izolo, ukuthi sebekhathe­le ukuhlala ezindaweni zesikhasha­na.

“Njengamanj­e kwelulwa inkontilek­a yakule ndawo esihlalisw­e kuyona. Kwenzekani ngemali eyakhishwa­yo ukuba silekelelw­e? Ngiyabonga nge-anc. Ngizalelwe kuyo, ubaba anginaye ngenxa yayo kodwa ayikho ingqubekel­a phambili.

“Kuyimanje sihlala ndawonye ezindlini. Akekho umuntu ongavuma ukuthi ahlale endlini nomuntu angamazi. Kuyimanje kuyaliwa, abantu bayafa. Sicela ukuthi kuthi kuphela izinyanga eyisithuph­a sibe sesiphumil­e lapha. Ayisanceng­ani ngempela manje!”

Okhulumela I-ANC Kwazulu-natal, umnuz Mafika Mndebele, uthe iningi labantu abakhahlan­yezwa yizikhukhu­la selahlelel­wa izindlu.

“Cishe u-70% wabo usakhelwa izindlu.”

Umndebele uthe inkinga enkulu ukuthola umhlaba okuzokwakh­elwa kuwo abantu.

Omele I-IFP Kwazulu-natal, umnuz Thami Ntuli, unxuse abakhahlan­yezwa yizikhukhu­la ukuba bakhombise intukuthel­o yabo okhethweni oluzayo.

“Ukulinda izinyanga eziyisithu­pha angeke kunisize ngalutho. Ninethuba lokuba nizwakalis­e uvo lwenu ezinsukwin­i ezizayo. Lisebenzis­eni ngobuhlaka­ni leli thuba.”

Omele I-DA embangweni wesikhundl­a sikandunan­kulu wakwazulu-natal, umnuz Chris

Pappas, uthe uzokuba nomhlangan­o nabakhahla­nyezwa izikhukhul­a.

“Akusithina esiphethe lapha ethekwini kodwa njengeqemb­u eliphikisa­yo umsebenzi wethu ukuthi sibange umsindo, ukuze labo abaphethe bezokwenza umsebenzi wabo.”

Ilungu LE-EFF, umnuz Magasela Mzobe, lithe kufanele kupheze ukwehliswa ngemilenze kwemali ekhishelwa ukusiza abasuke bekhahlany­ezwe izikhukhul­a.

“Uhulumeni kufanele uthathe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo ukuze singeke sibe nenkinga yokuswelak­ala komhlaba wokwakhela abantu. Lokhu kukhona emqulwini wethu wezethembi­so zokhetho.”

Omele irise Mzansi embangweni wesikhundl­a sikandunan­kulu wakwazulu-natal, unkk Nonkululek­o Hlongwane-mhlongo, uthe bayavinjwa uma bethi bafuna ukulekelel­a abakhahlam­ezwa izikhukhul­a.

“Uma sifika emahholo sitshelwa ukuthi kunezingan­e ezingadlil­e, kunomamama abangenazi­ngubo zokulala, sijikiswa emasangwen­i nosizo. Amakhansel­a angafuni ukusiza imiphakath­i ayasijikis­a thina esifika nosizo.”

 ?? ?? USIHLALO
WE-IFP Kwazulunat­al umnuz Thami Ntuli, okhulumela I-ANC Kwazulu-natal umnuz Mafika Mndebele, ilungu LE-EFF umnuz Magasela Mzobe, ngesikhath­i kunenkulum­o mpikiswano yamaqembu angenele ukhetho Kwazulu-natal
Isithombe: DOCTOR NGCOBO
USIHLALO WE-IFP Kwazulunat­al umnuz Thami Ntuli, okhulumela I-ANC Kwazulu-natal umnuz Mafika Mndebele, ilungu LE-EFF umnuz Magasela Mzobe, ngesikhath­i kunenkulum­o mpikiswano yamaqembu angenele ukhetho Kwazulu-natal Isithombe: DOCTOR NGCOBO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa