Isolezwe

Ikhwelo lokuhlonip­ha isibopho sokhetho

- MHLENGI SHANGASE

KUHLATSHWE ikhwelo emaqenjini angenele ukhetho lukazwelon­ke ukuthi ahloniphe isibopho asenzile sokuthi ukhetho luzoba nokuthula futhi luzobe lukhululek­ile.

Lokhu kuvele esitatimen­deni somhlangan­o oyisipeshe­li wekhabhine­thi njengoba ngenyanga ezayo kunokhetho lukazwelon­ke nezifundaz­we ngomeyi 29.

Okhulumela uhulumeni unksz Nomonde Mnukwa, uthe konke sekumi ngomumo ngalolu khetho njengoba nekhomishi­ni yezokhetho ibisayinis­a abaholi bamaqembu izibopho zokuthi ukhetho luzoba nokuthula.

Uthe lesi sibopho kumele sihlonishw­e njengoba sibeka imigomo okumele ilandelwe.

“Ikhabhinet­hi inxusa abantu ukuthi baphume bayovota, nokuthi kuzoba nokuthula ngesikhath­i sokhetho. Njengoba izwe ligubha iminyaka engu-30 lakhululek­a, kubaluleki­le ukuthi abantu baphume bayovota bakhumbule ukhetho lokuqala lwango-1994.”

Khonamanja­lo, I-IEC ithe isiwuqalil­e umsebenzi wokugaya amaphepha okuvota njengoba bengu-27.7 million abantu ababhalise­le ukuvota.

Lesi yisibalo esikhulu sabantu abake babhalisa kuleli selokhu kwaqala ngo-1999, ukusebenzi­sa umqulu wokuvota.

Ikhomishin­i idalule embikweni wasephalam­ende ukuthi inike amaqembu amelwe kule ndlu ur342 million onyakenima­li u-2022/23.

Iveze ukuthi amaqembu amane awazange anikwe ingxenye yemali yawo ngoba awazange ahambisane nemigomo edingwa ngumthetho olawula ukuxhaswa kwamaqembu, ipolitical Party Funding Act.

La maqembu yi-african Independen­t Congress, Cope, NFP nepan Africanist Congress of Azania.

Umgomo wepolitica­l Party Funding Act, udinga ukuthi amaqembu adalule abawaxhasa ngemali uma sebenikele ngemali esuka kur100 000 kuya phezulu.

Le mali kumele ayidalule ezinsukwin­i ezingu-30, enikelelwe. I-IEC ibe isishicile­la uhlu lwamaqembu anikelelwe kanjalo nabaxhasi.

Ikhomishin­i iveze ukuthi angu-537 amaqembu abhalisiwe kuleli. Angu-322 kuwo abhalise kuzwelonke kuthi angu-214, abhalise ezifundazw­eni.

Angu-167 kwangu-537 amelwe ephalamend­e nasezishay­amthetho.

Kuphinde kwavela ukuthi I-ANC iyona ethole imali eningi evela kwikhomish­ini njengoba ithole ur148 milllion. I-DA yona ithole ur62.7 million, kulandele I-EFF ngor40.9 million, namanye amaqembu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi bangu-14 889 abazobanga izihlalo okhethweni ekubeni izihlalo zingu-887, ezihlangan­isa ezingu-400 ephalamend­e, kuthi ezinye ezasezisha­yamthetho zezifundaz­we.

Ikhomishin­i ivule iwindi lalabo abazobe besebenza noma bengekho lapho bevotela khona ngosuku lokhetho ukuthi bafake izicelo zokuvota ngokuyisip­esheli.

Leli windi livalwa ngomeyi 3. Kulolu khetho ngeke uvunyelwe ukuvota lapho ungahlali khona.

Ukuvota ngokuyisip­esheli kuqala ngomeyi 27 nomeyi 28.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa