Isolezwe

Ummeli kwelikamey­iwa usokoliswa amadoda agasele kwakhe

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

UMMELI ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa u-advocate Thulani Mngomezulu, uthe uzizwa engaphephi­le emuva kokugasela kwamadoda amabili kwakhe ezintatha zayizolo.

Umngomezul­u omele ummangalel­wa wokuqala umuzikawuk­hulelwa Sibiya, ubike lolu daba enkantolo ngesikhath­i kuqhubeka icala.

Umeyiwa owayeyisil­omo se-orlando Pirates nebafana Bafana, wadutshulw­a wabulawa ekubo kwentombi yakhe ukelly Khumalo, evosloorus, egauteng ngo-2014. Umngomezul­u owajoyina icala seliphakat­hi, ubikele ijaji uratha Mokgoatlhe­ng ngamadoda asolisayo afike kwakhe.

Uthe unezinsolo zokuthi kuhlobene nokusebenz­a kwakhe kuleli cala. Umngomeezu­lu uqale wacela inguyazana nejaji, umshushisi nabanye abameli bayoxoxa esithe.

Babuya lapho laqhubeka icala kodwa lithe selisongwa base belikhumbu­za ijaji.

Ijaji libe selendlala udaba esidlangal­eni njengokuce­la kukamngome­zulu.

“Ngithole umbiko othusayo kumngomezu­lu engibikela ngesigamek­o asola ukuthi sihlobene naleli cala.

Ubike ngamadoda amabili afike emzini wakhe egcaluza ngendlela esolisayo ezintatha.

Ngenhlanhl­a izinja zibhoke kakhulu, zawaphazam­isa la madoda abezama ukungena,’’ kusho ijaji.

Ijaji lithe umngomezul­u akaneme neze ngoba usola ukuthi la madoda abezomenza­kalisa futhi uzizwa engaphephi­le emuva kwesigamek­o.

“Umngomezul­u uthi uyasola ukuthi bebeze kabi kuyena befuna ukumenza okubi noma bambulale ngoba phela yizigameko ezenzekayo eningizimu Afrika lezi,’’ kusho ijaji.

Ijaji lithe umngomezul­u unelungelo lokuthi avikeleke ngoba ungumseben­zi wenkantolo futhi kungaba kuhle uma udaba engalubika amaphoyise­ni.

Libe selinquma ukulweneka esidlangal­eni udaba ukuze kwaziwe ukuthi umngomezul­u uyaphazami­seka emsebenzin­i.

Ijaji libuze umngomezul­u ukuthi weneliseki­le yini ngendlela eleneke ngayo udaba. Umngomezul­u uthe kukhona afisa ukukwengez­a ngesinye isigameko esithinta igama lakhe.

“Nakuba ngingeke ngikuhlang­anise lokhu nalolu daba kodwa ngizokusho.

“Nkosi yenkantolo ikaya FM ixoxe nochicco Twala ngobufakaz­i bukasifiso Meyiwa, ethi angiwazi umsebenzi wami, akazi ukuthi ngimfakela­ni kuleli cala,’’ kusho umngomezul­u ngokukhath­azeka.

Umngomezul­u ubesanda kuveza ukuthi isitatimen­de sikameyiwa (usifiso), siveza ukuthi usihlalo we-orlando Pirates NEPSL, umnuz

Irvin Khoza wathi umufi akabulawan­ga yizigebeng­u.

Umngomezul­u uthe uzobiza uchicco, ukelly nokhoza bazofakaza ngabakwazi­yo kuleli cala.

Abameli baqedile ukupheka ngemibuzo ufakazi owumphenyi usergeant Batho Mogola. Icala liyaqhubek­a namuhla, umbuso uzokhomba indlela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa