Isolezwe

Bakhungath­ekile abazali ‘othisha beduba ukufundisa’

- KHULEKANI MASEKO

BADIDEKILE abazali bezingane ezifunda esizakahle High, emnambithi, okuvele ukuthi sekuphele izinsuku othisha bengangeni emakilasin­i ukufundisa.

Abazali kulesi sikole bavuke banikela esikoleni izolo, ngenhloso yokuzwa ngokuqhube­kayo emva kokuthi izingane zabo kuthiwa bezilokhu zifika zibika ukuthi azifundi.

Kuthiwa asicaci isizathu kahle ukuthi kungani benquma ukungangen­i emakilasin­i, bafundise.

Umzali oyilungu lesigungu esengamele isikole ocele ukungadulu­lwa, uthe akukho okuqondile ukukhuluny­wayo okwenza ukuthi othisha bangafundi­si.

“Sifikile esikoleni, othisha abafunanga ukukhuluma nathi. Emhlanganw­eni wesigungu esilawula isikole esibenawo ngomsombul­uko, uthishomkh­ulu uveze ukuthi othisha bathi abafundisi ngoba kufe imishini yokufothok­hopha, okuyinto engingabon­i ukuthi iyiqiniso ngoba ezinye izinsiza kufundisa njengoshok­i nokunye kukhona,” usho kanje.

Uthe emva komhlangan­o ongabanga yimpumelel­o ngoba abazali bengahlang­ananga nomhloli njengoba bekulindel­ekile, banqume ukuthi ngeke bazidedele izingane zabo ziye esikoleni kuze kube umnyango wezemfundo EKZN uyangenele­la ukuxazulul­a le nkinga.

Omnye umzali, uthe lesi sinqumo basithathi­swe wukuthi ziningi izindleko abangena kuzona ukuqinisek­isa ukuthi abafundi baya esikoleni njengoba abanye begibela.

Uthe ukubahambi­sela ukuthi bayohlala bengafundi­swa kungaba ukuchitha imali kungenasid­ingo.

“Sikhathaze­kile ngekusasa lezingane zethu, kodwa akukho mina engingakwe­nza kuphela ukuthi ngingabavu­meli baye esikoleni ukugwema izinto eziningi ngoba izingane uma zingafundi, ziyohlala esikoleni usuku lonke, zingagcina sezenza izinto ezingafane­le,” kusho umzali.

Okhulumela umnyango umnuz Muzi Mahlambi, uqinisekis­ile ukuthi bawutholil­e umbiko ngalolu daba basawubhek­a.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engakabuye­li entathelin­i ukucacisa ngokuphaza­misa ukufunda kulesi sikole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa