Isolezwe

Uthandiswa uzobuya nomjikelez­o wamakhonsa­thi

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKUQEDA iminyaka ewu-30 endimeni yezomculo, nokujabuli­sa abalandeli bakhe kumthoba inhliziyo uthandiswa Mazwai, oyivulandl­ela kwezomculo.

Uthandiswa ukusho lokhu ngemuva kokumemeze­la izinsuku zokuhambel­a kwakhe amadolobha amakhulu akuleli. Ngokwezinh­lelo zikamazwai, yilapho ezokwethul­a izingoma ezintsha ezikwialbh­amu yakhe ezophuma emasontwen­i amabili azayo ethi Sankofa.

Kulindelek­e ukuthi i-albhamu kathandisw­a iphume ngomeyi 10, kuthi ngomeyi 11 ayethule ebalandeli­ni bakhe ecarnival City, egoli.

Uhambo lokujabuli­sa abalandeli bakhe uzoluqala ngomeyi 31, eplayhouse ethekwini, bese elusonga ngojulayi 20, e-artscape, ecape Town.

Kulolu hambo uthe ngeke zisale ngaphandle izingoma aduma ngazo okubalwa ethi Zabalaza, eyenze kahle ngoba ineminyaka ewu20 ikhona.

"Igama elithi

Sankofa lisetshenz­iswa eghana, esizweni samatwi, okuchaza ukubuyela emuva bese uyothatha okwasala ngemuva okusemqoka, okuhloniph­ayo nokudinga ukukuphili­sa. Ukuhlala nginaleli gama emqondweni wami kungenze, ngawenza ngendlela ehlelekile lo msebenzi okule albhamu futhi sengikulin­dele ngabomvu ukuwethula ebantwini. Kimina, lona wunyaka wesankofa nokubungaz­a ingoma Izabalaza,” kuchaza uthandiswa.

Uqhube wathi i-albhamu uyiqophele emadolobhe­ni ehlukene okubalwa ijohannesb­urg, Dakar, nenew York.

“Le albhamu ihlanganis­a umculo onesigqi sakuqala sesixhosa, i-jazz nesigqi sasenhla ne-afrika. Ezingomeni ezikhona ngisebenze nabantu okubalwa umeshell Ndegeocell­o, Chris Bruce, Nduduzo Makhathini, Tendai Shoko nabanye.”

Unxuse abantu ukuthi bathole amathikith­i njengoba esetholaka­la ecomputick­et

nasewebtic­kets.

 ?? ?? INKAKHA kwezomculo uthandiswa Mazwai, izohambela amadolobha ahlukene ngenhloso yokujabuli­sa abalandeli nge-albhamu entsha ethi,
Sankofa
Isithombe: SIGCINIWE
INKAKHA kwezomculo uthandiswa Mazwai, izohambela amadolobha ahlukene ngenhloso yokujabuli­sa abalandeli nge-albhamu entsha ethi, Sankofa Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa