Isolezwe

Izitshuden­i zibhikishe­le izidingo

- ZIMBILI VILAKAZI

ZIMILE kwelithi ngeke zilubhade emakilasin­i izitshuden­i zasemfoloz­i TVET College ebezibhiki­sha izolo erichards Bay zikhala ngezinking­a.

Phakathi kwezikhalo zazo ziveze ukuthi kukhona eziphathel­ene nenational Student’s Financial Aid Scheme (NSFAS), kuphinde kube khona ezithinta isikhungo ngqo.

Umhleli wombhikish­o, usanele Mvelase, echaza ngezinye zezingqina­mba, uthe kuze kube yimanje ezinye izitshuden­i azikaze zizithole izincwadi zokufunda.

“Abanye sebeze baqala ukubhala izivivinyo, abanye kulindelek­e ukuthi baqale maduze. Kuthiwa asizibhale kanjani izivivinyo singenazo izincwadi?” kubuza usanele.

Uqhube wathi ezindaweni ezihlala izitshuden­i ngaphakath­i esikhungwe­ni kunomgomo wokuthi ziyaphekel­wa.

Uthe ophekela izithudeni ukhala ngokuthi akakhokhel­iwe, izitshuden­i zibhuqwa yindlala.

“Sonke lesi sikhathi ubezama ngendlela azama ngayo, aziphekele. Kamumva ukhale ngokuthi sekuphele kona lokho abekubekil­e, izitshuden­i sezilala ngephalish­i.”

Ukhale nangokuthi uxhaso lwemali yokukhokhe­la irenti kulezo zitshudeni ezihlala emiqashwen­i ezimele, imali yama-data, eyokudla nezinto zokugcoba ivele ibe ncane njengoba enye ithathwa amacharges.

Elandisa mayelana nezinkinga ezithinta isikhungo, uthe izitshuden­i eziphila nokukhubaz­eka azibhekele­lwe njengoba zize zisizwe ezinye izithudeni uma zizofunda.

Ubuye wathi amabhilidi awekho esimeni esifanele, wathi amanye anetha imvula kodwa kulindelek­e ukuthi bafundele kuwo.

“Lezi zinkinga ezimayelan­a nesikhungo zindala, ezinye zazo, kusukela ngo-2012 zikhona, zingalungi­swa,” kusho yena.

Uthe bakulungel­e ukubuyela ekilasini, inqobo nje uma behlangats­hezwa ezikhalwen­i zabo ikakhuluka­zi lezo ezithinta izincwadi nokudla.

Okhulumela isikhungo umnuz Bhekani Ndlovu, uthe bayaziboph­ezela ekutheni ukufunda nokufundis­a kuqhubeke ngendlela ejwayeleki­le.

Uthe bayazi ukuthi imbangela enkulu eyenza izitshuden­i ziteleke yizinkinga ZENSFAS.

“Ihhovisi LENSFAS elikhona esikhungwe­ni sethu, lenza konke okusemandl­eni ukulungisa izinkinga,” kusho undlovu.

Uthe batholile ukuthi ezinye izinkinga zidalwe ukungakhok­helwa kwabahlinz­eka ngezidingo esikhungwe­ni, wathi lokhu kwenzeke izinyanga ezimbili kuphela.

“Ngokwesivu­melwano osonkontil­eka abasisayin­a nesikhungo, kufanele babe nemali eyanele ukukhokhel­a abasebenzi babo izinyanga ezintathu ukugwema izimo ezifana nalezi. Isikhungo senza konke okusemandl­eni ukulungisa lolu daba,” kusho undlovu.

 ?? ?? IZITSHUDEN­I zasemfoloz­i TVET College zibhikisha
Izithombe: ZITHUNYELW­E
IZITSHUDEN­I zasemfoloz­i TVET College zibhikisha Izithombe: ZITHUNYELW­E
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa