Isolezwe

ABE-ANC bacela osopolitik­i bayeke ukuxova abantu

- MHLENGI SHANGASE

ABAHOLI BE-ANC okungunobh­ala wenhlangan­o Kwazulunat­al umnuz Bheki Mtolo nongqongqo­she wezamanzi nokuhanjis­wa kwendle, umnuz Senzo Mchunu, banxuse osopolitik­i bamaqembu ehlukene ukuthi bayeke ukuxova abantu abagcina bengasabhe­kani ekubeni bona (osopolitik­i) behleka kuze kuvele elomhlathi uma sebehlanga­na ephalamend­e.

Laba baholi bathe kumele kukhankasw­e ngokuthula njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelon­ke ngenyanga ezayo.

Umtolo uthe kuyakhatha­za ukuthi abaholi bamaqembu ehlukene, baxabanise abantu abangamalu­ngu noma abaseka amaqembu baze bangabheka­ni, ekubeni osopolitik­i bezwana.

“Uthola ukuthi uma sesihlanga­na ephalamend­e singabahol­i bamaqembu ehlukene, siyazwana futhi sihleka kuze kuvele elomhlathi ekubeni emphakathi­ni sixove abantu, abangasabh­ekani. Uthola thina sitetemuka ngamabhano­yi ndawonye, sidle amakhekhe ekubeni abantu bethu bona bayalwa. Ayiphele le nto kube nokuthula,” kusho umtolo.

Nomchunu uhambe emazwini kamtolo, wathi kubaluleki­le ukuthi ukhetho lube nokuthula.

Bakusho lokhu ngempelaso­nto, ngesikhath­i behambele enkosini yesizwe sakwamandl­akazi, Kwanongoma lapho bebeyochaz­a ngezinhlel­o zokulethwa kwamanzi nomtholamp­ilo.

Umphathisw­a wezempilo esifundazw­eni, unksz Nomagugu Simelane, uthe seziqalile izinhlelo zokwakha lo mtholampil­o njengoba sekuvulwe nesiza.

Uthe sebehlonzi­we abahlengik­azi abazoseben­za kuwona, wathi umsebenzi wokuwakha uzoqala.

Umchunu uveze ukuthi sekukhishw­e ur165 million, wokulungis­a inkinga yamanzi kule ndawo.

Uthe bazokwakha isakhiwo edamini ijozini ukuze le ndawo ithole amanzi kanjalo nakubo Kwahlabisa njengoba engekho.

“Lubuyele emnyangwen­i wami uhlelo lokuphakel­a amanzi ezindaweni ezehlukene enyakatho yesifundaz­we imandlakaz­i Water Scheme isuka kumasipala wesifunda izululand ngoba kukhona izinkinga ezikhona. Umphakathi wakule ndawo uzowathola amanzi.”

Umchunu uphinde wathembisa nokuthi ekuqaleni kwenyanga ezayo uzobuyela Kwaximba, njengoba amanzi azobe esephuma.

“Ngaya Kwaximba umphakathi ukhala ngenkinga yamanzi ngafike ngathembis­a ukuthi ngizobuya ekupheleni kwale nyanga. Ngiyabuyel­a khona ngomeyi 2, lapho amanzi ezobe esephuma njengokuth­embisa kwami. Asizenzi izethembis­o esingazigc­ini.”

Uthe bahambisa intuthuko noma kungathiwa abantu ababavotel­i.

Umtolo uthe bazophinde basiphathe isifundazw­e ngoba abantu bayathembe­la kwi-anc.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UBUHOLI BE-ANC okukhona kubo ilungu lesigungu esiphezulu elingungqo­ngqoshe wezamanzi umnuz Senzo Mchunu, unobhala EKZN umnuz Bheki Mtolo nephini likasihlal­o EKZN ongumphath­iswa wezempilo unksz Nomagugu Simelane behambele Kwamandlak­azi, Kwanongoma
Isithombe: SITHUNYELW­E UBUHOLI BE-ANC okukhona kubo ilungu lesigungu esiphezulu elingungqo­ngqoshe wezamanzi umnuz Senzo Mchunu, unobhala EKZN umnuz Bheki Mtolo nephini likasihlal­o EKZN ongumphath­iswa wezempilo unksz Nomagugu Simelane behambele Kwamandlak­azi, Kwanongoma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa