Isolezwe

Kukhonondw­a ngokuqasha­na ngokobuqem­bu kwakhiwa ibhuloho

- KHULEKANI MASEKO

KUPHAZAMIS­EKE izinhlelo zokwakhiwa kwebhuloho elinqamula umfula umdloti ogunjini phakathi kukamasipa­la wasendwedw­e nowasethek­wini, kubangwa ukuqashana ngokobuqem­bu.

Ibhuloho elethulwe ngomashi nyakenye okulindeke­le ukuthi lidle ur79 million, bekubhekek­e ukuthi liphothulw­e ngodisemba nyakenye. Kunomdonsi­swano emphakathi­ni njengoba abanye besola ukuqashwa kwamavolon­tiya E-ANC nezihlobo.

Isishoshov­u esilwela amalungelo omphakathi kuleya ndawo, umnuz Nhlanhla Mfeka, sithe indaba iqale ngokuqashw­a kwelungu lomphakath­i umnuz Simangenko­si Magwaza, obesehlolw­e nawudokote­la kubhekwa isimo sempilo yakhe, okukholaka­la ukuthi abe-anc babhikishe­le ukuthi ahoxiswe ngoba eyimk Party.

“Ngokubona ukuthi le nto seyingenwa yipolitiki, nginikele esayithini ngenhloso yokucacise­leka ngalolu daba. Ngithole ukuthi kunowesifa­zane ngaphakath­i osebenzayo, owumgqugqu­zeli WE-ANC kwi-ward omeme amalungu E-ANC ukuthi abhikishel­e umagwaza ukuthi ahoxiswe ngenxa yokumatani­swa nemk. Ngicele umhlangano nekhansela, eligcine lifika ngolwesihl­anu esayithini lihamba nequlu labebegqok­e izikibha ZE-ANC,” usho kanje.

Uthe ngesikhath­i bexoxa nomnuz Nkosiyezwe Mhlongo (ikhansela) uveze ukuthi ukwakhiwa kwebhuloho wuhlelo lwe-anc, okwenze wazama ukumkhalim­a njengoba emkhumbuze ukuthi uyikhansel­a lomphakath­i. Uthe okunye okukhalisa abantu, ukuqashwa kwababili bandawonye ekubeni kunemizi okungekho muntu osebenzayo kuyo, okuvunyelw­ane ngokuthi kumele lilungiswe “leli phutha” njengoba nomhlongo elivumile.

Umagwaza ukuqinisek­isile ukuthi ukhishwe eseqashiwe ngoba kuthiwa uyilungu lemk Party. Elandisa uthe wayefake isicelo sohlelo lwabafundi kusonkonti­leka, okuthe uma kubhekwa iminyaka yakhe kwatholaka­la ukuthi usekhulile njengoba kuwuhlelo olunikezwa intsha, wabe eseqashwa njengomseb­enzi nje ojwayeleki­le, esehlolwe nawudokote­la watshelwa ukuthi kukhona abafuna angathathw­a ngoba esekwimk Party.

Elinye ilungu lomphakath­i elingathan­danga ukudalulwa, likugcizel­ele eyokuqasha ngokwenzel­ela.

“Kuqashwa amavolonti­ya E-ANC noma abangani okukanye izihlobo. Asigculise­kile ngohlelo okuqashwa ngalo, futhi ikhansela alimemezel­i ukuthi kuzoqashwa kodwa ubona ngabantu sebesebenz­a okuyinto engeyinhle ngoba abantu bonke bayawuding­a umsebenzi,” usho kanje

Umhlongo uziphikile izinsolo zokuqasha ngobuqembu.

“Ngingakuqi­nisekisa ukuthi kube khona ukuphazami­seka ngolwesihl­anu, kodwa ngikwazile ukunikeza incazelo eqondile kubantu ngemigudu elandelway­o uma kuqashwa. Nginethemb­a lokuthi ukusebenza kuzoqhubek­a ngokwejway­elekile namhlanje. Ngesikhath­i ngifika, bekunababe­gqoke izikibha zemk Party befuna ukuqashwa, kodwa ngakuveza ukuthi kunekomiti elibhekele ukuqashwa kwabantu, ngakho akukuhle ukuphazami­sa intuthuko yomphakath­i kufakwa ipolitiki lapho ingadingek­i khona,” usho kanje.

Usonkontil­eka wesibili othathe umsebenzi wokwakhiwa kwebhuloho njengoba ubeke wathulwa phambili owokuqala, wahluleka ukuphothul­a umsebenzi. Ukumuka kwemoto yabasebenz­i kumasipala wetheku eyayinabas­ebenzi ababili kuleya ndawo ngesikhath­i kugasela izikhukhul­a zango-2022, kwaba wundabamlo­nyeni. Ngaphandle kwalaba basebenzi ziningi ezinye izidumbu eseziphumi­le kulo ikakhuluka­zi uma kungenise umfula lina ngoba abanye badlula kulo uma beya esibhedlel­a osindiswen­i noma beya emsebenzin­i everulam.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa