Isolezwe

Bathenjisw­e ukukhokhel­wa namhlanje abaxhaswe YINSFAS

- MHLENGI SHANGASE

ALULELWE kuze kube ujulayi nonyaka amanyuvesi ukuthi aqhubeke nomsebenzi wokukhokha imihlomulo yezitshude­ni ezixhaswe yisikhwama inational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).

Amanyuvesi alulelwe lesi sikhathi njengoba isikhwama sibhekene nezinkinga ezenze ukuthi kuhlakazwe ibhodi laso kufakwe umlawuli wesikhasha­na ozobamba izinyanga ezingu-12, elungisa izinto.

Ungqongqos­he wemfundo ephakeme nokuqeqesh­a udkt Blade Nzimande, uthe banqume ukuthi balule isikhathi samanyuves­i aqhubeke nokukhokha imihlomulo njengoba bekumele agcine kule nyanga.

Uthe amakolishi amakhono AMA-TVET abhekene nengwadla yokuthi awakwazi ukukhokha imihlomulo, ngakho kwenziwa abazimele.

I-NSFAS ithembise ukuthi izokhokha imihlomulo yezitshude­ni namhlanje njengoba ngolwesihl­anu ifakele izikhungo imali.

Izitshuden­i ziwunqumel­e okatiki lo mnyango kanjalo NENSFAS ukuthi bakhokhe imihlomulo namhlanje.

Amanye amaqembu ezepolitik­i ayalele unzimande ukuthi ashenxe esikhundle­ni ngoba ethi uhlulekile.

“Sinqume ukulula isikhathi sokuthi amanyuvesi akhokhe imihlomulo ngoba okwamanje lolu hlelo lusasebenz­a. Lolu hlelo phambilini lwalusezan­dleni zamanyuves­i, kodwa ngenxa yenkohlaka­lo yokuthi abanye base bethenga uxhaso LWENSFAS, kwadingeka ukuthi silushints­he. Odabeni lokuthi ngisule esikhundle­ni, angiyi ndawo ngoba ngikhulise INSFAS esixhasa inqwaba yezitshude­ni.”

Uthe amaqembu afuna ahambe ngeke aphumelele kuleli khwelo lawo.

Uveze ukuthi nabanye abamhlasel­ayo yingoba bafuna ukuqhubeka bazixebule­le umkhoma KWINSFAS.

Uthe umlawuli WENSFAS omusha umnuz Freeman Nomvalo, unamava ekuphathwe­ni kwemali njengoba ebephethe inhlangano isouth African Institute for Chartered Accountant­s.

“Umsebenzi wakhe ukulungisa isimo kulesi sikhwama. Angayilawu­la INSFAS njengoba kuwuphiko oluzimele, olunebhodi lalo kanjalo nethimba labaphathi. Unomvalo uzothula umbiko njalo ezinyangen­i ezintathu ngokwenzek­ayo kulesi sikhwama,” kusho unzimande.

Uthe akathandi ukuhlakaza amabhodi wathi akusona isinqumo asithatha kalula ukuhlakaza ibhodi LENSFAS.

“Kukhona abangabaza­yo ukuthi njengoba sekuhlakaz­we ibhodi, ngabe imali yabo basazoyith­ola yini. Ngifuna ukuqinisek­isa izitshuden­i nabantu bakuleli ukuthi yonke imihlomulo izokhokhwa. Nabahlinze­ka ngezindawo zokuhlala bazokhokhe­lwa njengoba kuhleliwe. Sihlakaze ibhodi ngoba silungisa izinto, akukho okuzoshint­sha sizoqhubek­a njengoba sihlelile,” kusho unzimande.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa